Wakhuleka kuye, wamncenga; wakuzwa ukunxusa kwakhe, wambuyisela futhi eJerusalema embusweni wakhe. UManase wayesazi ukuthi uSimakade nguye onguNkulunkulu.
UJobe 9:15 - IsiZulu 2020 Noma ngingenacala, angikwazi ukumphendula, kufanele ngicele umusa kumehluleli wami. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Noma bengilungile, bengingenakumphendula, kepha nginxuse umahluleli wami. Contemporary Zulu Bible 2024 Noma ngilungile, angizange ngimphendule, kodwa ngincenge kumahluleli wami. |
Wakhuleka kuye, wamncenga; wakuzwa ukunxusa kwakhe, wambuyisela futhi eJerusalema embusweni wakhe. UManase wayesazi ukuthi uSimakade nguye onguNkulunkulu.
Uma ngenzile okubi, maye kimi! Uma bengilungile, bengingayukuliphakamisa ikhanda lami, lokhu ngisuthi ihlazo, ngibona ukuhlupheka kwami.
Ngiyakuthi kuNkulunkulu: ‘Ungangilahli njengonecala, kodwa ngazise; kuyini ongiphikisa ngakho na?
Olungileyo ubengaphikisana naye, mina ngikhululwe kumehluleli wami ingunaphakade.
“Kepha mina bengiyakumfuna uNkulunkulu, kuNkulunkulu bengiyakuyibeka indaba yami,
Nakuba ngilungile, umlomo wami uyakungilahla, noma ngimsulwa, uyakungibeka icala.
Bayakuza bekhala, bekhuleka; lapho ngibabuyisa, ngiyakubaholela emifuleni yamanzi, ngendlela eqondileyo abangayukukhubeka kuyo, ngokuba nginguyise ka-Israyeli, no-Efrayimi uyizibulo lami.
Nkulunkulu wami, beka indlebe yakho, uzwe; vula amehlo akho, ubheke izincithakalo zethu nomuzi obizwe ngegama lakho, ngokuba asilethi ukunxusa kwethu phambi kwakho ngenxa yokulunga kwethu kepha ngomusa wakho omkhulu.
Ngase ngibhekisa ubuso bami kuyo iNkosi uNkulunkulu ngakhuleka, nganxusa ngokuzila ukudla, nangendwangu eyisaka, nangomlotha.
Ngokuba angizinyezi ngalutho, nokho angilungisisiwe ngalokho, kodwa ongahlulelayo yiNkosi.
owathi ethukwa akaze aphindisela, ehlushwa akaze asongela muntu, kodwa wazinikela kulowo owehlulela ngokulunga;