“Kepha uNkulunkulu uyakuhlala ngempela yini emhlabeni na? Ngisho izulu nezulu lamazulu alinakukumumatha; pho ibiyini-ke le ndlu encane engiyakhileyo na?
UJobe 9:14 - IsiZulu 2020 Pho mina ngingamphendula ngithini, ngingawathathaphi amazwi aqondene naye na? IBHAYIBHELI ELINGCWELE Pho, mina ngingamphendula ngithini, ngikhethe amazwi ami aqondene naye, na? Contemporary Zulu Bible 2024 Kangakanani-ke mina engizamphendula ngikhethe amazwi ami okubonisana laye? |
“Kepha uNkulunkulu uyakuhlala ngempela yini emhlabeni na? Ngisho izulu nezulu lamazulu alinakukumumatha; pho ibiyini-ke le ndlu encane engiyakhileyo na?
Bengiyakulwethula udaba lwami phambi kwakhe, umlomo wami ngiwugcwalise ngamazwi empikiswano.
Olungileyo ubengaphikisana naye, mina ngikhululwe kumehluleli wami ingunaphakade.
Sifundise esiyakukusho kuye, asinakulubeka udaba lwethu, ngenxa yokuthi sidukuza oswini.
Kakhulu kangakanani-ke labo abahlezi ezindlini zodaka, abasisekelo sabo sisothulini, abachotshozwa njengenundu na?
Ngokuba akasiye umuntu njengami ukuba bengingaqagulisana naye, nokuba ngibhekane naye esigcawini.