USomandla singemqonde, mkhulu ngamandla nangobulungiswa, ngokulunga kwakhe okukhulu akoni muntu.
UJobe 9:10 - IsiZulu 2020 owenza izinto ezinkulu ezingenakukhohlweka, yebo, izimangaliso ezingenakubalwa. IBHAYIBHELI ELINGCWELE owenza izinto ezinkulu ezingenakuhlolwa, yebo, izimangaliso ezingenakubalwa. Contemporary Zulu Bible 2024 Abenza izinto ezinkulu ezingaqanjwanga; yebo, nezimangaliso ezingenakubalwa. |
USomandla singemqonde, mkhulu ngamandla nangobulungiswa, ngokulunga kwakhe okukhulu akoni muntu.
UNkulunkulu uduma ngokumangalisayo ngezwi lakhe; wenza izinto ezinkulu esingenakuziqonda.
Umlomo wami uzolanda ngokulunga kwakho nensindiso yakho usuku lonke, ngokuba anginakukubala.
Makabongwe uSimakade uNkulunkulu, uNkulunkulu ka-Israyeli, okunguYena kuphela owenza izimangaliso.
“Ngubani onjengawe Simakade phakathi konkulunkulu na? Ngubani onjengawe ngobukhosi nangobungcwele, omangalisayo ngendumiso, owenza izimangaliso na?
Konke ukwenze kwafanela isikhathi sakho, ngaphezu kwalokho wabeka ukulangazelela iphakade ezinhliziyweni zabantu, kodwa abakwazi ukuyazi imisebenzi kaNkulunkulu kusukela ekuqaleni kwayo kuze kube sekugcineni kwayo.
Yeka ukujula kwengcebo, nokuhlakanipha, nokwazi kukaNkulunkulu! Yeka izehlulelo zakhe ezingaphenyekiyo, nezindlela zakhe ezingaqondakaliyo!
KuYena onamandla okwenza okukhulu kakhulu kunakho konke esikucelayo nesikuqondayo ngokwamandla asebenza kithi,