Impela mazingafi ngamvunye, abalungileyo nababi. Makube kude nawe ukwenza into efana naleyo. UMehluleli womhlaba wonke angakwenza kanjani okungalungile na?”
UJobe 8:3 - IsiZulu 2020 Ngabe uNkulunkulu uyabuhlanekezela ubulungiswa, uSomandla aphendukezele ukulunga na? IBHAYIBHELI ELINGCWELE UNkulunkulu uhlanekezela ukwahlulela yini? USomandla uphendukezela ukulunga na? Contemporary Zulu Bible 2024 UNkulunkulu uphendukezela ukwahlulela na? uSomandla uyawuphendukezela yini umthetho na? |
Impela mazingafi ngamvunye, abalungileyo nababi. Makube kude nawe ukwenza into efana naleyo. UMehluleli womhlaba wonke angakwenza kanjani okungalungile na?”
Ngakho-ke hlalani nimesaba uSimakade, niqaphele enikwenzayo, ngokuba akukho ukungalungi kuSimakade uNkulunkulu wethu, akakhethi buso bamuntu futhi akafunjathiswa.”
Kuhle yini kuwe ukuba ucindezele, ulahle umsebenzi wezandla zakho, uphumelelise icebo lezikhohlakali na?
yazini-ke ukuthi nguNkulunkulu owenze okubi kimi, wangigubuzela ngenetha lakhe.
Noma ngikhalile ngathi: ‘Indluzula!’ kepha angiphendulwanga, ngicele ukusizwa, kodwa abukho ubulungiswa.
Ngubani ombekele indlela azohamba ngayo na? Ngubani ongathi: ‘Wenze okungalungile’ na?
USomandla singemqonde, mkhulu ngamandla nangobulungiswa, ngokulunga kwakhe okukhulu akoni muntu.
‘Umuntu angalunga yini kunoNkulunkulu na? Umuntu uhlambulukile yini kunoMenzi wakhe na?
“Ofuna amaphutha angaphikisana yini noSomandla na? Lowo oqagulisana noNkulunkulu, makaphendule.”
Uyakuchitha yini ukwehlulela kwami, ungilahla ngecala ukuze wena ube ngolungileyo na?
“Impela ngiyazi ukuthi kunjalo, kodwa umuntu angaba kanjani ngolungileyo phambi kukaNkulunkulu na?
Ukulunga nobulungiswa kuyisisekelo sesihlalo sakho sobukhosi, umusa nokwethembeka kuhamba phambi kwakho.
Nkosi enamandla, mthandi wokulungileyo, uqinise ubuqotho, waphakamisa ubulungiswa nokulunga kwaJakobe.
“Kepha nithi: ‘Indlela yeNkosi ayilungile.’ Ake nizwe nina ndlu yakwa-Israyeli: indlela yami ayilungile yini na? Akusizo yini izindlela zenu ezingalungile na?
“Kepha abantu bakini, bathi: ‘Indlela yeNkosi ayilungile.’ Kepha yindlela yabo engalungile.
Nokho nisho kanje, nithi: ‘Indlela yeNkosi ayilungile.’ “Nina ndlu yakwa-Israyeli ngiyakunehlulela, kube yilowo nalowo ngokwenza kwakhe.”
USimakade uyilungiselele inhlekelele, wayeseyehlisela kithi, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wethu ulungile emisebenzini yakhe yonke ayenzayo, kodwa asililalelanga izwi lakhe.
Kepha ngenxa yobulukhuni bakho, nenhliziyo engaphendukiyo, uziqongelelela ulaka ngosuku lwentukuthelo nolokwambulwa kokwehlulela okuqotho kukaNkulunkulu,
“Uyidwala, umsebenzi wakhe uphelele, zonke izindlela zakhe zingukulunga; unguNkulunkulu wokwethembeka ongenakonakala; ulungile, uqotho Yena.
Bahlabelela igama likaMose, inceku kaNkulunkulu negama leWundlu, bathi: “Mikhulu, iyamangalisa imisebenzi yakho, Nkosi Nkulunkulu, Somandla; zilungile, ziqinisile izindlela zakho, wena Nkosi yezizwe.
Ngase ngizwa i-althare, lithi: “Yebo, Nkosi Nkulunkulu Somandla, ziqinisile, futhi zilungile izehlulelo zakho.”