USara wathi: “UNkulunkulu ungijabulisile ngahleka, bonke abakuzwayo lokhu bazojabula kanye nami.”
UJobe 8:21 - IsiZulu 2020 aze agcwalise umlomo wakho ngokuhleka, nezindebe zakho ngenhlokomo yokwethaba. IBHAYIBHELI ELINGCWELE aze agcwalise umlomo wakho ngokuhleka, nezindebe zakho ngokumemeza. Contemporary Zulu Bible 2024 aze agcwalise umlomo wakho ngokuhleka nezindebe zakho ngentokozo. |
USara wathi: “UNkulunkulu ungijabulisile ngahleka, bonke abakuzwayo lokhu bazojabula kanye nami.”
Banikela ngemihlatshelo emikhulu ngalolo lusuku, bathokoza, ngokuba uNkulunkulu wayebathokozise ngentokozo enkulu; abesifazane nabantwana bathokoza, kwezwakala kude ukuthokoza kweJerusalema.
Kepha akekho othi: ‘Uphi uNkulunkulu, uMdali wami ovusa ingoma kwesikabhadakazi.
Kwaqhuma uhleko, izilimi zethu zahuba ngentokozo; abezizwe base bekhuluma, bethi: “USimakade ubenzele izinto ezinkulu.”
Lowo ohamba ekhala, ephethe imbewu, uyakubuya ngokuthokoza, ethwele izinyanda zakhe.
Yethabani kuSimakade nina abalungileyo; nihlokome ngentokozo nina nonke enimsulwa enhliziyweni.
Hlokomelani uSimakade mhlaba wonke, qhumukani, nihlabelele ngenjabulo, nihube amahubo.
Nibusisiwe nina enilambileyo manje, ngokuba niyakusuthiswa. Nibusisiwe nina enikhalayo manje, ngokuba niyakuhleka.