ukuthi ukujabula kwezikhohlakali kufushane, nokuthokoza kwabangenankulunkulu kungokomzuzwana nje na?
UJobe 8:12 - IsiZulu 2020 Uma liseluhlaza, lingakakhiwa, liyabuna phambi kwabo bonke utshani. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Uma iseluhlaza, ingakakhiwa, iyabuna phambi kwabo bonke utshani. Contemporary Zulu Bible 2024 Uma iseluhlaza futhi ingakanqunywa, iyabuna ngaphambi kwanoma iyiphi enye imifino. |
ukuthi ukujabula kwezikhohlakali kufushane, nokuthokoza kwabangenankulunkulu kungokomzuzwana nje na?
Umhlanga ungahluma yini lapho kungenaxhaphozi khona na? Ibhuma lingamila yini kungekho amanzi na?
“Zinjalo-ke izindlela zabo bonke abakhohlwa nguNkulunkulu, ithemba longenabunkulunkulu liyakushabalala.
Imifula iyonuka, imifudlana eGibhithe iyoncipha, ishe, kubune umhlanga nebhuma.
Uyakuba njengesihlahla ogwadule, akayukukubona okuhle noma kuza kuye, uyakuhlala ezindaweni ezigagadekile ehlane, ezweni likasawoti okungahlali muntu kulo.
ngokuba: “Yonke inyama injengotshani, nobuhle bayo bonke bunjengembali yotshani. Utshani buyabuna, nembali ivuthuluke. Kepha izwi leNkosi limi kuze kube phakade.”