UJobe 7:5 - IsiZulu 2020 Umzimba wami wembozwe yizimpethu nothuli. Isikhumba sami siyaphola, sibuye sibhicike. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Inyama yami yembesiwe izimpethu namagade othuli; isikhumba sami siyaphola, sibuye sibhicike. Contemporary Zulu Bible 2024 Inyama yami yembeswe izimpethu nezigaxa zothuli; isikhumba sami siphukile futhi siyisinengiso. |
Amathambo ami anamathela esikhumbeni sami nasenyameni yami, ngisinde ngokulambisa kuphela.
Lapho sesishabalele isikhumba sami, ngiyakumbona uNkulunkulu ngingokhululekile emzimbeni.
Isibeletho siyabakhohlwa, basobozelwe yizimpethu, abasayukukhunjulwa, ukungalungi kwephulwa njengesihlahla.
Kusukela ematheni onyawo kuze kube sekhanda, akukho mpilo, kodwa ngamanxeba nezilonda zodwa, amanxeba ophayo awakhanyiwe ubovu, noma aboshwe, noma athanjiswe ngamafutha.
Ukuphakama kwakho sekwehliselwe endaweni yabafileyo, kanjalo nomsindo wezingubhu zenu; izimpethu zendlaliwe phansi kwakho, nezibungu ziyakusibekela.
“Bayophuma, babone izidumbu zabantu abaphambukile kimi, ngokuba impethu yabo ayiyukufa, nomlilo wabo awuyukucima, bayoba yisinengiso kubo bonke abantu.”
Niyakukhumbula izindlela zenu nazo zonke izenzo zenu enizingcolise ngazo, nenyanye ubuso benu ngakho konke okubi enikwenzileyo.
Kepha ingelosi yeNkosi yamshaya khona lapho, ngokuba engamnikanga uNkulunkulu udumo; wadliwa yizimpethu, wafa.