Ekuseni uFaro wakhathazeka emoyeni wakhe, wathumela ukuba kubizwe zonke izanusi, nazo zonke izihlakaniphi zaseGibhithe, wabatshela ngamaphupho akhe, kodwa akekho namunye owakwazi ukumchazela wona.
UJobe 7:14 - IsiZulu 2020 uyangesabisa ngamaphupho, ungethuse ngemibono, IBHAYIBHELI ELINGCWELE uyangesabisa ngamaphupho, ungethusa ngemibono, Contemporary Zulu Bible 2024 Khona-ke uyangethusa ngamaphupho, ungethuse ngemibono. |
Ekuseni uFaro wakhathazeka emoyeni wakhe, wathumela ukuba kubizwe zonke izanusi, nazo zonke izihlakaniphi zaseGibhithe, wabatshela ngamaphupho akhe, kodwa akekho namunye owakwazi ukumchazela wona.
Lapho ngithi: “Umbhede wami uzongiduduza, icansi lami lingithwalise ukukhononda kwami,
Nxa ngilala ngithi: ‘Ngiyovuka nini na?’ Ubusuku bude, kuze kuse ngibinyabinyeka.
Ngonyaka wesibili wokubusa kukaNebukhadinezari, uNebukhadinezari waphupha amaphupho; umoya wakhe wakhathazeka, wayeseqwasha.
Kube kuhle kimi ukuba nginazise ngezibonakaliso nezimangaliso uNkulunkulu oPhezukonke azenzileyo kimi.
Esahleli esihlalweni sokwehlulela, umkakhe wathumela kuye, wathi: “Ungayingeni indaba yalowo muntu olungileyo, ngokuba ngikhathazeke kakhulu ngaye namuhla ephusheni.”