Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UJobe 7:1 - IsiZulu 2020

“Umshikashika akusiwo yini owabantu emhlabeni, nemihla yabo ayinjengayo yini eyomqashwa na?

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

“Umuntu akasempini yini emhlabeni, imihla yakhe ayinjengemihla yomqashwa na?

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Akakho isikhathi esimisiweyo somuntu emhlabeni na? Izinsuku zakhe azinjengezinsuku zomuntu okhokhelwayo na?

Uka jalj uñjjattʼäta



UJobe 7:1
16 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ubuyakuletha kimi ofakazi abasha, wandise intukuthelo yakho kimi, amaviyo ngamaviyo angithelekele.


“Umuntu ozelwe ngowesifazane imihla yakhe mifushane, igcwele inkathazo.


Wonke umuntu uzalelwe ukuhlupheka, njengoba nezinhlansi ziqhasha zibheke phezulu.


Njengesigqila silangazelela ithunzi, nosebenzayo elindele umholo wakhe,


“Simakade, ngazise isiphetho sami, nokuthi zingakanani izinsuku zami; mangazi ukuthi ngingodlulayo.


Akukho muntu onamandla phezu komoya ukuba awuvimbe, noma amandla phezu kosuku lokufa. Akekho okhululekile empini, kanjalo nobubi abunakubakhulula labo ababenzayo.


Manje uthi: “Eminyakeni emithathu, njengeminyaka yomqashwa, udumo lukaMowabi luzobukelwa phansi, ngisho noma enesixuku esikhulu; insali iyokuba yingcosana, futhi ingabi namandla.”


Ngokuba iNkosi ithe kimi: “Ngesikhathi esingangonyaka, ngokubalwa kweminyaka yoqashiweyo, lonke udumo lweKhedari luzophela;


“Hamba uye kuHezekiya, uthi: ‘Usho kanje uSimakade uNkulunkulu kaDavide, ukhokho wakho, uthi: “Ngiwuzwile umkhuleko wakho, ngizibonile izinyembezi zakho; ngizonezelela iminyaka eli-15 ezinsukwini zakho zokuphila.


Liqungeni isibindi iJerusalema, nimemezele kulo ukuthi ukulwa kwalo sekuphelile, nobubi balo buhlanguliwe, ngokuba lamukele kuSimakade isijeziso ngokuphindiwe ngenxa yazo zonke izono zalo.


Uyokhuluma nalowo omthengileyo babalelane inani leminyaka esasele kuze kufike unyaka wejubhili. Intengo okumele ayikhokhe iyoba ngangenani leminyaka; isikhathi abe naso phansi komthengi wakhe siyolingana neminyaka yokuqashwa kwakhe.


“Ungakuthathi sengathi kungukucindezelwa nxa usumdedela ukuba ahambe, ngokuba ukukhonze iminyaka eyisithupha, umnika imali yomqashwa. USimakade uNkulunkulu wakho uyokubusisa kukho konke okwenzayo.”