Yena wahamba uhambo losuku ehlane, waze wayohlala phansi kwesihlahla sonwele. Enhliziyweni yakhe wafisa ukufa, wathi: “Sekwanele manje, Simakade! Sale usuwuthatha umphefumulo wami, ngokuba angilungile kunokhokho bami.”
UJobe 6:9 - IsiZulu 2020 Sengathi uNkulunkulu angangiphihliza, avule isandla sakhe, angibhubhise. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Yebo, sengathi uNkulunkulu angangichoboza, athukulule isandla sakhe, anginqume. Contemporary Zulu Bible 2024 nokuba kube kuhle kuNkulunkulu ukungibhubhisa; ukuthi angadedela isandla sakhe anginqume! |
Yena wahamba uhambo losuku ehlane, waze wayohlala phansi kwesihlahla sonwele. Enhliziyweni yakhe wafisa ukufa, wathi: “Sekwanele manje, Simakade! Sale usuwuthatha umphefumulo wami, ngokuba angilungile kunokhokho bami.”
“Ngiyakuzonda ukuphila kwami, ngizokhononda ngokukhululeka, ngizokhuluma ebumunywini bomphefumulo wami.
Kepha amehlo ezikhohlakali ayakufiphala; ayiyukuba bikho nendawo yokuphephela; ithemba lazo liyakuba ngukuphuma komphefumulo.”
Sengathi ungangifihla endaweni yabafileyo, ungisithe kuze kudlule intukuthelo yakho, unginqumele isikhathi, ungikhumbule.
Ngihawukeleni, ngihawukeleni, nina bangani bami, ngokuba isandla sikaNkulunkulu singishayile.
Isandla sakho sangicindezela kanzima ubusuku nemini, ngaphelelwa ngamandla, kwangathi ngihlaselwe wumoya weshisandlu. Sela
Idokodo lami lisishuliwe, lasuswa kimi njengethende lomelusi; Njengomaluki, ukuphila kwami ngakusonga, uyanginquma esalukweni, kusukela emini kuze kube sebusuku uyayiphelisa impilo yami.
Manje Simakade, ngiyakucela ukuba ungibulale ngokuba kungcono kimi ukufa kunokuphila.”
Kuthe lapho selibalele likhipha umkhovu etsheni, uNkulunkulu wathumela umoya weshisandlu. Ilanga lahlaba ekhanda likaJona waze wacishe waquleka. Wazicelela kuNkulunkulu ukuba afe, ethi: “Kungcono ukufa kunophila.”
Ngaleyo mihla abantu bayakukufuna ukufa, kodwa bangakufumani; futhi bayakukufisa ukufa, kepha ukufa kubabalekele.