Ulaka lwakhe luyadwengula, luyangisibekela, ungiququdela amazinyo, isitha sami singihlahlela amehlo.
UJobe 6:4 - IsiZulu 2020 Ngokuba imicibisholo kaSomandla ikimi, ubuthi bayo buphuzwa ngumoya wami, ukwesabisa kukaNkulunkulu kunami shaqa. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba imicibisholo kaSomandla ikimi; isihlungu sayo siphuzwa ngumoya wami; izesabiso zikaNkulunkulu ziyangehlela. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba imicibisholo kaSomandla iphakathi kwami, okuphuza umoya wami okubuhlungu; izesabiso zikaNkulunkulu zingihlelele. |
Ulaka lwakhe luyadwengula, luyangisibekela, ungiququdela amazinyo, isitha sami singihlahlela amehlo.
Amabutho akhe atheleke kanyekanye, angizungeza ngemigoqo yokuhlasela, akanisa nxazonke zethende lami.
Ngikhungethwe yingebhe; udumo lwami luxoshwa sengathi lupheshulwa ngumoya, impumelelo yami inyamalele njengefu.
Ngokuba ngiyayesaba inhlekelele eyehliswa nguNkulunkulu; anginakwenza lutho ngenxa yobukhulu bakhe.
Noma ngiqinisile kepha ngithathwa njengonamanga, inxeba lami alipholi, nakuba ngingenzanga siphambeko.’
Uma ngona, ngenzani kuwe mlindi wabantu na? Ungimiseleni ngibe yinkololo yakho, ngize ngibe ngumthwalo nakimi na?
Simakade, shesha ungiphendule, umphefumulo wami udangele, ungangifihleli ubuso bakho, funa ngifane nabashona egodini.
Uciba ngemicibisholo yakhe, izitha zihlakazeke; umbani ulokhu uthi nyazi, uzidudulela kude.
Akukho ukuphila emzimbeni wami, ngenxa yentukuthelo yakho; amathambo ami awanampilo, ngenxa yesono sami.
Imicibisholo yakho icijile, ingena enhliziyweni yezitha zenkosi, izizwe ziwa phansi kwakho.
Inhliziyo iyabazi ubuhlungu bayo, kodwa umfokazi akanakuhlanganyela entokozweni yayo.
Umoya womuntu uyabumela ubuthakathaka bakhe, kodwa ngubani ongathwala umoya odabukileyo na?
Njalo lapho sedlula siyonibamba. Siyodabula njalo ekuseni, nasemini nasebusuku.” Kuyokwesabeka kakhulu ukuqondwa kombiko.
Yansala umnsalo wayo njengesitha, isandla sayo sokunene samelana nathi, yabulala konke okwakuthandeka emehlweni ethu; ethendeni lendodakazi iZiyoni, intukuthelo yayo yayikhafulisa okomlilo.
Ngehora lesishiyagalolunye, uJesu wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Eloyi, Eloyi, lama sabakthani?” okungukuthi: “Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni na?”
Ngakho-ke njengalokhu sazi ukuthi kuyini ukwesaba uNkulunkulu, siyabancenga abantu. Kepha thina sibonakalisiwe kuNkulunkulu; ngiyethemba ukuthi nakuye unembeza wenu, sibonakalisiwe.
“Imicibisholo yami ngiyoyidakisa ngegazi, inkemba yami idle abantu, ngegazi lababuleweyo nabathunjiweyo, kuqala enhlokweni yabaholi bezitha.
Wabaphendula wathi: “Ningangibizi ngoNawomi; ngibizeni ngoMara, ngokuba uSomandla ungenzele okubi.