UJobe 6:25 - IsiZulu 2020 Ukukhuluma okuqotho kunamandla kangakanani na? Kepha ukusolwa yinina kusiza ngani na? IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ukukhuluma okuqotho kunamandla, kepha ukusolwa nokusolwa yinina kusizani na? Contemporary Zulu Bible 2024 Yeka ukuthi anamandla kangakanani amazwi alungile! kodwa ukhuzani ukuphikisana kwakho? |
“Pho ningiduduzelani ngeze, lokhu ezimpendulweni zenu kusele inkohliso yodwa na?”
“Uma kungenjalo ngubani ongakhombisa ukuthi ngingumqambimanga, awenze ize amazwi ami na?”
Wabathukuthelela nabangani bakaJobe abathathu, ngoba babengavelanga nampendulo, nakuba uJobe babemlahla ngecala.
Nicabanga ukuthi ningawasola amazwi, ngokungathi ukukhuluma kophelelwe yithemba, kungumoya nje na?
Ukukhuluma kwabanye ngokuhlaphaza kufana nokuhlaba kwenkemba, kodwa ulimi lwabahlakaniphileyo luyaphilisa.
Umuntu uyathokoza ngempendulo yakhe, nezwi elikhulunywa ngesikhathi esifaneleyo lihle kakhulu.
Izwi elikhulunywe ngesikhathi esifaneleyo lifana namahhabhula egolide asezitsheni zesiliva.