UJobe 6:21 - IsiZulu 2020 nani seninjalo-ke kimi; nibone okwethusayo, nesaba. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba kalokhu seniyize nje; nibona okwesabisayo niyesaba. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba manje anilutho; ubona ukukhothama kwami, wesaba. |
Abangani bami ebesingamathe nolimi nabo sebeyangenyanya, nalabo engibathandayo sebengifulathele.
Abangani nezihlobo zami bangihlubukile ngenxa yokuhlupheka engikukho, omakhelwane bami bahambela kude nami.
Abantukazana bangumoya nje, nezikhulu zingamabunga, uma bekalwa isilinganiso siyenyuka, kodwa bonke balula kunomoya.
Ompofu uzondwa ngisho nayizihlobo zakhe; kakhulu kangakanani-ke abangani bakhe? Bayaziqhelelanisa naye; noma efuna ukukhuluma nabo, abatholwa ndawo.
“Ngabe silelaphile iBhabhele, kodwa alelapheki, lishiyeni, masihambe, kube yilowo nalowo aye ezweni lakubo, ngokuba ukwehlulelwa kwalo kufinyelela ezulwini, kuphakanyiselwe nasemafini.
UJesu wathi kubo: “Nina nonke nizakukhubeka ngami ngalobu busuku, ngokuba kulotshiwe ukuthi: ‘Ngiyakushaya umalusi, izimvu zomhlambi zihlakazeke,’
Kepha konke lokho kwenzekile ukuba kugcwaliseke imibhalo yabaphrofethi.” Khona bonke abafundi bamshiya babaleka.
Ekuziphenduleleni kwami kokuqala, kwakungekho noyedwa owayengakimi, kodwa bonke bangihlamuka; sengathi lokho kungebalelwe kubo.