Amadodana kaKhushe kwakunguSebha, uHavila, uSabitha, uRama, noSabhitheka. Amadodana kaRama kwakunguShebha noDedani.
UJobe 6:19 - IsiZulu 2020 Izindwendwe zabahwebi bakwaThema zabafuna, nemiqobo yezihambi zakwaShebha zibheke ngethemba. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Izihambi zakwaThema zabheka; izindwendwe zakwaSheba zazihlalela. Contemporary Zulu Bible 2024 Amabutho aseThema abukele, amaviyo aseSheba ewalindile. |
Amadodana kaKhushe kwakunguSebha, uHavila, uSabitha, uRama, noSabhitheka. Amadodana kaRama kwakunguShebha noDedani.
UJokishani wayenguyise kaShebha noDedani. Amadodana kaDedani kwakungama-Ashuri, amaLethushi, namaLewumi.
Kwathi ukuba indlovukazi yaseShebha izwe imibiko ngodumo lukaSolomoni ngenxa yegama likaSimakade, yafika ukuzomvivinya ngemibuzo elukhuni.
ngesikhathi kufika amaShebha akuthumba, abulala izinceku ngenkemba; yimina nje ngedwa engiphunyulile, ukuze ngizokubikela.”
Kwathi ukuba abangani abathathu bakaJobe bezwe ngakho konke okubi okwakumehlele, bafika njengokuvumelana kwabo ukuzomkhalela nokumduduza, yilowo nalowo esuka endaweni yakhe: u-Elifazi umThemani, uBhilidadi umShuhi, noZofari umNahama.
Amakhosi aseTharishishi nawaseziqhingini ayakuletha izipho. Amakhosi aseShebha naseSebha ayoletha izipho.
We zakhamuzi zakwaThema, lethelani abomileyo amanzi, bahlangabezeni ngokudla abafokazi.
iDedani, iThema, iBhuzi, nabo bonke abagunde badilinga amakhanda abo emaceleni,