UJobe 6:15 - IsiZulu 2020 Abafowethu bambuluzile njengomfudlana, nanjengemithonjana eshayo, IBHAYIBHELI ELINGCWELE Abafowethu bambuluzile njengomfula, njengemithonjana yemifula eshayo, Contemporary Zulu Bible 2024 Abafowethu benze ngenkohliso njengomfula, futhi njengomfula wezifufula bayadlula; |
Abangani bami ebesingamathe nolimi nabo sebeyangenyanya, nalabo engibathandayo sebengifulathele.
Abangani nezihlobo zami bangihlubukile ngenxa yokuhlupheka engikukho, omakhelwane bami bahambela kude nami.
Ukwethemba ombuluzayo ngosuku lokuhlupheka, kunjengezinyo elephukileyo nonyawo olwenyelileyo.
Abafowenu nabendlu kayihlo nabo bakukhohlisile, bamemeza bekhala emva kwakho; ungabethembi, noma bekhuluma okuhle kuwe.”
Kungani ubuhlungu bami bungapheli, nenxeba lami lingelapheki na? Liyala ukuphola; impela kimi ufana nomfudlana okhohlisayo, nanjengamanzi angethembekile.
Zonke izithandwa zakho zikukhohliwe, azisakufuni, ngokuba ngikushaye njengesitha, ngakuyala njengononya, ngenxa yobukhulu bokona kwakho, nangenxa yobuningi bezono zakho.
bheka, bonke abesifazane abasele esigodlweni senkosi yakwaJuda bayakukhishelwa ezikhulwini zenkosi yaseBhabhele. Uyabona-ke, bayakuthi: “ ‘Abahlobo bakho bakwedukisile, bakwehlula; kodwa lapho izinyawo zakho sezibishe exhaphozini, babuyela emuva.’
“Angikhulumi ngani nonke, ngokuba ngiyabazi engibakhethileyo. Kepha ukuze kugcwaliseke umbhalo othi: “ ‘Odla isinkwa sami ungiphendukele.’
Isikhathi siyeza, yebo, sesifikile, sokuba nihlakazeke, yilowo nalowo aye kokwakhe, ningishiye ngedwa, nokho angingedwa, ngokuba uBaba unami.
Yibo laba abayichilo emadilini enu, abadla nani bengenakwesaba, bezenelisa. Bangamafu angenamvula apheshulwa wumoya, izihlahla zasehlobo ezingenazithelo, bafe imfakabili, basishuliwe.