UJobe 5:6 - IsiZulu 2020 Usizi aluveli othulini, nenhlupheko ayiphumi emhlabathini. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba usizi aluveli othulini, nokuhlupheka akuphumi emhlabathini, Contemporary Zulu Bible 2024 Nakuba usizi lungaveli othulini, kungabikho okubi okuvela emhlabeni; |
Uma Yena ethula, ngubani ongamsola na? Uma efihla ubuso bakhe, ngubani ongambona na? Ubusa isizwe nomuntu ngokufanayo,
yimi engenza ukukhanya nengidala ubumnyama, ngenza ukuthula, ngidale inhlekelele; nginguSimakade owenza konke lokho.
Bakhuluma amazwi nje, bafunga amanga, benza isivumelwano; bese kuqubuka ukwehlulela njengesithombo esinobuthi emiseleni yamasimu.
Amakhikhizela esivuno sakho awuyukuwavuna, nezithelo zomvini wakho ongatheniwe awuyukuzikha; kuyakuba ngunyaka wokuphumula kwezwe.
Lingabethwa yini icilongo emzini qede abantu bangathuthumeli na? Umuzi ungehlelwa yini yinhlekelele uma engayenzanga uSimakade na?
kungenjalo, ngesaba ukuchukuluzwa yisitha, funa abamelene nabo baqonde, bathi: “Izandla zethu eziphakamile, akusiye uSimakade owenze konke lokhu.” ’ ”
Qaphelisisani ukuba kungabi bikho osilelayo emseni kaNkulunkulu, funa kumile impande yimbe ebabayo, inidunge, abaningi bangcole ngenxa yayo.
Bhekani, uma zenyuka nawo ngendlela esemngceleni waseBhethi Shemeshi, yazini ukuthi nguNkulunkulu ka-Israyeli osehlisele lobo bubi obukhulu. Uma kungenzeki kanjalo, kuyobe sehlelwe yingozi nje.”