Inkentshane liyakudla ndawonye newundlu, ingonyama idle utshani njengenkomo, uthuli lube ngukudla kwenyoka; akuyukulimazana, akuyukucekelana phansi kuyo yonke intaba yami engcwele,” kusho uSimakade.
UJobe 5:23 - IsiZulu 2020 Ngokuba unesivumelwano namatshe asendle, izilo zasendle zihlalisana ngokuthula nawe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba unesivumelwano namatshe asendle; izilo zasendle zihlalisana kahle nawe. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngoba uzakuba lesivumelwaneni lamatshe eganga, lezinyamazana zeganga zizahlalisana lawe ngokuthula. |
Inkentshane liyakudla ndawonye newundlu, ingonyama idle utshani njengenkomo, uthuli lube ngukudla kwenyoka; akuyukulimazana, akuyukucekelana phansi kuyo yonke intaba yami engcwele,” kusho uSimakade.
“ ‘ “Ngiyakwenza nazo isivumelwano sokuthula, ngiqede izilwane ezimbi ezweni, zihlale zilondekile ehlane, zilale emahlathini.
Umuthi osendle uyakuthela izithelo zawo, umhlabathi ukhiqize ukudla kwawo, zihlale zilondekile ezweni lazo; ziyakukwazi ukuthi nginguSimakade, lapho sengizaphulile izikeyi zejoka lazo, futhi ngazihlenga esandleni salabo ababezenze izikhonzi zabo.
UNkulunkulu wami uthumele ingelosi yakhe, yavala imilomo yezingonyama, azingilimazanga, ngokuba kwatholakala ukuthi ngimsulwa phambi kwakhe; naphambi kwakho, nkosi, angikwenzanga okubi.”
Ngalolo lusuku ngiyakubenzela isivumelwano nezilwane zasendle, nezinyoni zezulu, nokuhuquzelayo emhlabathini. Ngiyakunqamula umnsalo, inkemba nempi ezweni, ngibalalise phansi bephephile.
“ ‘Ngiyakuninika ukuthula ezweni, nilale ningesatshiswa muntu. Ngiyakuziqeda nya izilwane ezimbi ezweni, nenkemba ayiyukudabula ezweni lakini.