URaheli ebona ukuthi akamzalele bantwana uJakobe, waba nomona ngodadewabo, wayesethi kuJakobe: “Nginike abantwana; kungenjalo ngizokufa.”
UJobe 5:2 - IsiZulu 2020 Ngokuba isiwula sibulawa ngukukhathazeka, nesiduphunga sibhujiswa ngumhawu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba isiwula siyabulawa ngukukhathazeka, nomhawu uyachitha oyisiphukuphuku. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba ulaka luyabulala iziwula, nomhawu ubulala iziwula. |
URaheli ebona ukuthi akamzalele bantwana uJakobe, waba nomona ngodadewabo, wayesethi kuJakobe: “Nginike abantwana; kungenjalo ngizokufa.”
U-Onani wayazi ukuthi abantwana abazalwayo ngeke babizwe ngaye, kwathi noma elala nomkamfowabo wayichithela phansi imbewu, ukuze angamvuseli umfowabo umuzi.
Wena ozidwengulayo ngenxa yolaka lwakho, umhlaba uyoshiywa yini ngenxa yakho, nedwala lisuswe endaweni yalo emhlabeni na?
Isiwula sithi enhliziyweni yaso: “Akekho uNkulunkulu.” Bonakele, benza okunengekayo, akekho owenza okuhle.
Isiwula sikukhombisa masinyane ukuthukuthela kwaso, kodwa onengqondo uyalifihla ihlazo.
Ogcina umyalo ulonda umphefumulo wakhe, kepha onganaki izindlela zakhe uyakufa.
Itshe liyasinda nesihlabathi sinzima, kodwa ukuchukuluza kwesiwula kusinda ukwedlula kokubili.
Nina eningenalwazi qondani ukuhlakanipha; nani ziwula, yibani nenhliziyo eqondayo.
UNkulunkulu wathi kuJona: “Unaso yini isizathu sokuba uthukuthele kangaka ngenxa yomhlakuva na?” Wathi: “Ngithukuthele kakhulu ngangokuba ngingafa nokufa.”
Kepha kulabo okwathi ngenxa yokuzazi bona, abangalilalela iqiniso, kepha balalela ukungalungi, bayobhekana nolaka nentukuthelo.
Ngokuba kulabo kukhona abacathama bangene ezindlini, bathumbe abesifazane abangenasimilo abanyinyithekiswa yizono, beqhutshwa yizinkanuko ezinhlobonhlobo.