UJobe 5:15 - IsiZulu 2020 Kepha abantulayo uyabasindisa enkembeni yemilomo yabo, nasesandleni sonamandla. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Uyasindisa enkembeni yemilomo yabo, yebo, abampofu esandleni sonamandla. Contemporary Zulu Bible 2024 Kodwa uyasindisa ompofu enkembeni, emlonyeni wabo nasesandleni sabanamandla. |
Benza ukuba ukukhala kwabampofu kufinyelele kuye, wakuzwa ukukhala kwabahluphekayo.
Ukubhodla kwengonyama, nomsindo webhubesi, kuyathula, namazinyo amabhongo amabhubesi ayephuka.
Ibhubesi elinamandla liyafa ngenxa yokweswela impango, amawundlu ebhubesi ayahlakazeka.
Kepha Wena uyamqaphela osenkathazweni nasosizini, wenze okuthile ngaye. Abampofu bangethembela kuwe, nezintandane ngokunjalo.
Simakade, uyakuzwa ukukhala kokulangazelela kwabahluphekileyo. Ubanikeza ithemba, bese ukulalela ukukhala kwabo becela usizo;
Ngokuba umi kwesokunene sontulayo, ukuze amsindise kulabo abasongela umphefumulo wakhe.
Ngiyazi ukuthi uSimakade uyabamela abahluphekayo, abehlulele ngobulungiswa abampofu.
Amathambo ami wonke athi: “Simakade, ngubani onjengawe, Wena ukhulula abantekenteke kulabo abanamandla kunabo; ohluphekayo nontulayo, kulowo omphangayo.”
Mayivikele abantu abampofu, isindise abantwana babantulayo, iphohloze umcindezeli.
UNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, wamyala uNebuzaradani, induna yabalindi, ngoJeremiya, wathi:
UNkulunkulu wenza ukuba uDaniyeli athole umusa nobumnene emehlweni enduna yabathenwa.