UJobe 5:14 - IsiZulu 2020 Bahlangabezana nobumnyama emini kwabha, baphuphutheke emini, kube sengathi kusebusuku. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Emini bahlangana nobumnyama, baphumputha emini njengasebusuku. Contemporary Zulu Bible 2024 Bahlangana nobumnyama emini, nobumnyama ntambama njengasebusuku. |
Akayukusuka ebumnyameni, ilangabi liyakubunisa amagatsha akhe, apheshulwe ngukuphefumula komlomo wakhe.
Ubumnyama obupheleleyo buyakuba phezu komcebo wakhe wonke, umlilo ongavuthelwanga muntu uyakumqothula, okuseleyo ethendeni lakhe kushe kungqongqe.
Uyokwembozwa ngubumnyama, ukuze ungaboni, nesikhukhula samanzi siyakukusibekela.
“Kukhona abamelene nokukhanya, abangazibandakanyi nezindlela zakho, abanganamatheli emikhondweni yakho.
USimakade wathi kuMose: “Yelulela isandla sakho ngasezulwini ukuze kube mnyama eGibhithe, ubumnyama obuphathekayo.”
UMose wayeselulela isandla sakhe ngasezulwini, kwase kuba khona isigayegaye sobumnyama izinsuku ezintathu kulo lonke iGibhithe.
Sidukuza sigudla udonga njengempumputhe, yebo, sidukuza siphumputha njengabangenamehlo; sikhubeka emini kungathi sekuhwalele; phakathi kwabaphilayo, sinjengabafileyo.
“Ngalolo lusuku ngiyakwenza ukuba ilanga lishone emini, ngenze kube mnyama emhlabeni emini kwabha,” kusho iNkosi uSimakade.
Uyophuphutheka emini njengempumputhe iphuphutheka ebumnyameni. Awuyukuphumelela ezindleleni zakho, uyakucindezelwa kuphela, uphangwe; akuyukuba bikho muntu oyokuhlenga.