Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UJobe 5:14 - IsiZulu 2020

Bahlangabezana nobumnyama emini kwabha, baphuphutheke emini, kube sengathi kusebusuku.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Emini bahlangana nobumnyama, baphumputha emini njengasebusuku.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Bahlangana nobumnyama emini, nobumnyama ntambama njengasebusuku.

Uka jalj uñjjattʼäta



UJobe 5:14
13 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Baphuphutheka ebumnyameni bengenakukhanya, ubabhamazelisile njengezidakwa.”


Akayukusuka ebumnyameni, ilangabi liyakubunisa amagatsha akhe, apheshulwe ngukuphefumula komlomo wakhe.


Siyakuxoshwa ekukhanyeni, siyiswe ebumnyameni, sixoshwe emhlabeni.


Ubumnyama obupheleleyo buyakuba phezu komcebo wakhe wonke, umlilo ongavuthelwanga muntu uyakumqothula, okuseleyo ethendeni lakhe kushe kungqongqe.


Uyokwembozwa ngubumnyama, ukuze ungaboni, nesikhukhula samanzi siyakukusibekela.


“Kukhona abamelene nokukhanya, abangazibandakanyi nezindlela zakho, abanganamatheli emikhondweni yakho.


Ukukhanya kugodliwe ezikhohlakalini, kwaqedwa nobudlova bazo.


USimakade wathi kuMose: “Yelulela isandla sakho ngasezulwini ukuze kube mnyama eGibhithe, ubumnyama obuphathekayo.”


UMose wayeselulela isandla sakhe ngasezulwini, kwase kuba khona isigayegaye sobumnyama izinsuku ezintathu kulo lonke iGibhithe.


Indlela yezikhohlakali injengobumnyama; abazi nokuthi bakhutshwa yini.


Sidukuza sigudla udonga njengempumputhe, yebo, sidukuza siphumputha njengabangenamehlo; sikhubeka emini kungathi sekuhwalele; phakathi kwabaphilayo, sinjengabafileyo.


“Ngalolo lusuku ngiyakwenza ukuba ilanga lishone emini, ngenze kube mnyama emhlabeni emini kwabha,” kusho iNkosi uSimakade.


Uyophuphutheka emini njengempumputhe iphuphutheka ebumnyameni. Awuyukuphumelela ezindleleni zakho, uyakucindezelwa kuphela, uphangwe; akuyukuba bikho muntu oyokuhlenga.