UJobe 40:9 - IsiZulu 2020 Unengalo njengoNkulunkulu yini na? Ungaduma yini ngezwi elinjengelakhe na? IBHAYIBHELI ELINGCWELE Unengalo njengoNkulunkulu, ungaduma ngezwi elinjengelakhe, na? Contemporary Zulu Bible 2024 Ingalo yakho injengoNkulunkulu na? noma ungaduma ngezwi elinjengelakhe na? |
Uhlakaniphile ngenhliziyo, unamandla amakhulu, ngubani owake wamelana naye, waphumelela na?
Izwi likaSimakade liphezu kwamanzi, uNkulunkulu wenkazimulo uyaduma; uSimakade uphezu kwamanzi amaningi.
URahabi umchoboze wanjengobuleweyo, ngengalo yakho enamandla, wahlakaza izitha zakho.
Hubelani uSimakade ihubo elisha, ngokuba wenze izimangaliso, esokunene sakhe nengalo yakhe engcwele kumzuzele ukunqoba.
“Isandla sakho sokunene Simakade siyakhazimula ngamandla, isandla sakho sokunene Simakade sifihlize isitha.
“Maye, kuye olwa noMenzi, udengezi phakathi kwezindengezi zomhlabathi! Ibumba liyakusho yini kolibumbayo, lithi: ‘Wenzani na?’ nomsebenzi wakho, uthi: ‘Akanazo yini izandla na?’
USimakade uyembulile ingalo yakhe engcwele emehlweni ezizwe zonke, yonke imikhawulo yomhlaba iyoyibona insindiso kaNkulunkulu wethu.
Ngakucupha, wabanjwa, Bhabhele, ungakazi ngalokho; wafunyanwa, wabanjwa, ngokuba ulwile noNkulunkulu.
Umsindo wamaphiko amakherubhi wezwakala, kwaze kwaba segcekeni elingaphandle, njengezwi likaNkulunkulu uSomandla, lapho ekhuluma.
ukuze bonke abantu emhlabeni bazi ukuthi isandla sikaSimakade sinamandla, nokuba bamesabe uSimakade uNkulunkulu zonke izinsuku.”