Kuhle yini kuwe ukuba ucindezele, ulahle umsebenzi wezandla zakho, uphumelelise icebo lezikhohlakali na?
UJobe 40:8 - IsiZulu 2020 Uyakuchitha yini ukwehlulela kwami, ungilahla ngecala ukuze wena ube ngolungileyo na? IBHAYIBHELI ELINGCWELE Imbala uyachitha ukwahlulela kwami, ungilahle ukuba ube ngolungileyo, na? Contemporary Zulu Bible 2024 Niyakuchitha nokwahlulela kwami na? Uzangilahla yini, ukuze ulunge? |
Kuhle yini kuwe ukuba ucindezele, ulahle umsebenzi wezandla zakho, uphumelelise icebo lezikhohlakali na?
noma wazi kahle ukuthi anginacala, futhi akekho ongangihlenga esandleni sakho na?
Bhekani-ke, sengizilungiselele ukwethula udaba lwami, futhi ngiyazi ukuthi icala lizongithetha.
UNkulunkulu unginikele kubantu abonakeleyo, ungiphonse esandleni sezikhohlakali.
yazini-ke ukuthi nguNkulunkulu owenze okubi kimi, wangigubuzela ngenetha lakhe.
Lawo madoda amathathu ayeseyeka ukuphendulana noJobe ngoba wayengolungileyo emehlweni akhe.
U-Elihu, indodana kaBharakheli, umBhuzi, womndeni kaRamu, wathukuthela uJobe ngokuba wayezithethelela yena kunoNkulunkulu.
Imbala ozonda ubulungiswa uyakubusa yini na? Uyakumlahla yini olungileyo nonamandla,
Ngonile kuwe, kuwe wedwa, ngenza okubi emehlweni akho. Wena ulungile nxa wehlulela, futhi kucacile ukwehlulela kwakho.
Ngokuba uSimakade Wamabandla unqumile; ngubani oyakuguqula lokho na? Isandla sakhe sizogadla; ngubani oyakusinqanda na?
Isivumelwano senu nokufa siyochithwa, ukuvumelana kwenu nendawo yabafileyo akuseyukuma; lapho isiswebhu esikhukhulayo sedlula, siyonifihliza.
Ngikhumbuze, masiqagulisane, lubeke udaba lwakho, ukuze kubonakale ukuthi awunacala.
“Maye, kuye olwa noMenzi, udengezi phakathi kwezindengezi zomhlabathi! Ibumba liyakusho yini kolibumbayo, lithi: ‘Wenzani na?’ nomsebenzi wakho, uthi: ‘Akanazo yini izandla na?’
Phinde, neze, kepha makwazeke ukuthi: uNkulunkulu uqinisile, kodwa bonke abantu bangabaqambimanga, njengokuba kulotshiwe ukuthi: “Ukuze uthiwe ungolungileyo emazwini akho, unqobe ekwahlulelweni kwakho.”
Bazalwane, ngikhulumisa okwabantu, ukuthi akukho muntu ongesula noma anezele esivumelwaneni esenziwe saqiniswa ngumuntu.
Yilokhu engikushoyo ukuthi isivumelwano esaqiniswa phambilini nguNkulunkulu, akukho mthetho obekwe emva kweminyaka engama-430 ongasesula noma usiqede, sona kanye nesithembiso.
Kukhona ngakolunye uhlangothi ukwesulwa komthetho wokuqala ngenxa yokuba ubuthakathaka, futhi ungasizi ngalutho,