Ngiyakuthi kuNkulunkulu: ‘Ungangilahli njengonecala, kodwa ngazise; kuyini ongiphikisa ngakho na?
UJobe 40:2 - IsiZulu 2020 “Ofuna amaphutha angaphikisana yini noSomandla na? Lowo oqagulisana noNkulunkulu, makaphendule.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Osolayo uyakuphikisana noSomandla na? Omkhuza uNkulunkulu makaphendule.” Contemporary Zulu Bible 2024 Ophikisana noSomandla angamfundisa na? osola uNkulunkulu makaphendule. |
Ngiyakuthi kuNkulunkulu: ‘Ungangilahli njengonecala, kodwa ngazise; kuyini ongiphikisa ngakho na?
Bengiyakulwethula udaba lwami phambi kwakhe, umlomo wami ngiwugcwalise ngamazwi empikiswano.
“Ngifunga ngiyagomela, uNkulunkulu ongephuce ubulungiswa bami, noSomandla owenze waba muncu umphefumulo wami;
Kungani ukukhanya kunikwa umuntu ongayiboni indlela yakhe, lowo uNkulunkulu ambiyele nxazonke na?
Ngabe ukhona yini ongilaleleyo na? Nantu uphawu lwami, uSomandla makangiphendule. Sengathi ngabe nginencwadi yecala ayilobileyo omelana nami!
Osekwake kwaba khona sekwaqanjwa igama, kuyaziwa ukuthi umuntu uyokuba yini, nokuthi akakwazi ukuphikisana nalowo onamandla kunaye.
Welulekana nobani waze wamnika ukuqonda, wamfundisa indlela yobulungiswa, wamnika indlela yokwazi, wamazisa indlela yokuqonda na?
Ongikhiphe phambili ecaleni useduze; ngubani oyomelana nami na? Masime kanyekanye; ngubani omelene nami na? Makasondele kimi.
Ngakucupha, wabanjwa, Bhabhele, ungakazi ngalokho; wafunyanwa, wabanjwa, ngokuba ulwile noNkulunkulu.
“Kungani nisho lesi saga kwa-Israyeli, esithi: “ ‘Oyise badla amagilebhisi amuncu, amazinyo abantwana aba buthuntu,’ na?
Ngokuba ngubani owawazi umqondo weNkosi, ukuba angaze ayifundise na? Kepha thina sinomqondo kaKhristu.