Makangethembi okuyize, azikhohlise ngokuyize, ngokuba ize liyakuba ngumvuzo wakhe.
UJobe 4:8 - IsiZulu 2020 Ngibabonile abahlwanyela inkohlakalo, nabalima inkathazo, bavuna inhlupheko. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Njengokubona kwami abalima okubi bahlwanyele ukona, bayakuvuna. Contemporary Zulu Bible 2024 Njengoba ngibonile, abalima ububi bavuna, bahlwanyele ububi. |
Makangethembi okuyize, azikhohlise ngokuyize, ngokuba ize liyakuba ngumvuzo wakhe.
noma ungazenza zikhule ngosuku ezitshalwe ngalo, wenze okuhlwanyelweyo kuqhakaze ngakusasa, nokho akuyukuba khona sivuno ngalolo lusuku lokulila nobuhlungu obungelapheki.
“Ukuziphatha kwakho nezenzo zakho kukulethele lezi zinto; lokhu kungenxa yokukhohlakala kwakho, ngokuba umunyu ufinyelele enhliziyweni yakho.”
“Ngokuba bahlwanyele umoya, bayakuvuna isivunguvungu; uhlanga alunantshakaza, alukhiqizi mpuphu; uma luyikhiqiza, iyakushwabadelwa ngabafokazi.
Kepha nakhu: ohlwanyela ingcosana uyakuvuna ingcosana, nohlwanyela kakhulu uyakuvuna kakhulu.