Kepha-ke ake welule isandla sakho uthinte konke anakho, ubone ukuthi akazukukuqalekisa yini, ebusweni bakho.”
UJobe 4:5 - IsiZulu 2020 “Uma sekufike kuwe, awusenasineke. Uma sekuthinta wena uyadangala. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Kepha sekufikile kuwe, uyakhathazeka; kuyakuthinta wena, uyashaywa luvalo. Contemporary Zulu Bible 2024 Kodwa manje sekufikile kuwe, futhi uyadangala; kuyakuthinta, uyesaba. |
Kepha-ke ake welule isandla sakho uthinte konke anakho, ubone ukuthi akazukukuqalekisa yini, ebusweni bakho.”
Ngihawukeleni, ngihawukeleni, nina bangani bami, ngokuba isandla sikaNkulunkulu singishayile.
Ake welule isandla sakho uthinte amathambo akhe nenyama yakhe, uzobona uyakukuthuka bukhoma.”
Ngakho asidangali, nakuba umuntu wethu wangaphandle ebhubha, nokho owangaphakathi wenziwa musha imihla ngemihla.
Yebo, mqondeni yena owakhuthazela ephikwa kangaka yizoni, ukuze ningakhathali nidangale emiphefumulweni yenu.
Senikhohliwe yini ukugqugquzela aniyala ngakho nina eningabantwana, ethi: “Ndodana yami, ungakwedeleli ukuyala kweNkosi, ungadangali nxa Yona ikusola;