UJobe 4:4 - IsiZulu 2020 Amazwi akho aphakamisa okhubekayo, aqinisa amadolo antekenteke naxegayo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Amazwi akho amisile okhubekayo; usimamisile amadolo athuthumelayo. Contemporary Zulu Bible 2024 Amazwi akho asekela owasezakuwa, waqinisa amadolo abuthakathaka. |
Ukuba ngangikhethe izindlela zabo, ngangizohlala ngingumholi, nginjengenkosi phakathi kwamabutho, njengoduduza abalilayo.”
Ukukhuluma kwabanye ngokuhlaphaza kufana nokuhlaba kwenkemba, kodwa ulimi lwabahlakaniphileyo luyaphilisa.
Izwi elikhulunywe ngesikhathi esifaneleyo lifana namahhabhula egolide asezitsheni zesiliva.
INkosi uSimakade inginikile ulimi lwabafundi ukuze ngikwazi ukuqinisa okhatheleyo ngezwi; njalo ekuseni ivusa indlebe yami, ukuba ngilalele njengofundiswayo.
Kwase kuhwaqabala ubuso bayo, imicabango yayo yayiyesabisa, kwaxega amanyonga okhalo lwayo, namadolo ayo ashayana.
Bazalwane, siyanikhuthaza futhi niwayale amavila; duduzani abajabhileyo, nisekele ababuthakathaka, futhi nibabekezelele bonke.