UJobe 4:2 - IsiZulu 2020 “Uma umuntu ezama ukukhuluma nawe, uzokhathazeka yini na? Ngubani ongazibamba angasho lutho na? IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Uma kulingwa ukukhulunywa kuwe, uyakukhathazeka na? Kepha ngubani ongazibamba, angakhulumi, na? Contemporary Zulu Bible 2024 Uma sizama ukukhuluma nawe, ingabe uzodabuka? kodwa ngubani ongazibamba ekukhulumeni? |
Lapho ngithi: “Angisayukumkhumbula, angisayukukhuluma egameni lakhe,” izwi lakhe linjengomlilo ovuthayo enhliziyweni yami, ovalelwe emathanjeni ami; ngikhathele ukulibamba, angikwazi.
Ngakho-ke ngigcwele ulaka lukaSimakade, ngikhathele ukuzibamba. “Luthululele phezu kwabantwana emigwaqweni, nasemhlanganweni wezinsizwa, indoda nomkayo bayakubanjwa kanjalo abadala nabagugileyo.