UJobe 4:15 - IsiZulu 2020 Kwedlula umoya ebusweni bami, waqubula uhlevane esikhumbeni sami. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kwadlula umoya ebusweni bami; uboya bomzimba wami bavuka. Contemporary Zulu Bible 2024 Kwase kudlula umoya phambi kobuso bami; izinwele zenyama yami zasukuma; |
Kwema kwathi phuhle, kodwa angikwazanga ukubona isimo sakho. Kwakumi okuthile phambi kwami, ngezwa ukunyenyeza nezwi, lithi:
Bayakushaqeka, babanjwe yiminjunju nobuhlungu, bayoba neminjunju enjengemihelo yowesifazane ebeletha. Bayobhekana nomakhelwano babo ngeziqu zamehlo. Ubuso babo bubheje bube bomvu okwamalangabi.
Wathi kimi: “Daniyeli, wena muntu othandekayo, qonda amazwi engiwakhuluma kuwe, ume nokuma, ngokuba ngithunywe kuwe;” lapho esekhulumile leli lizwi kimi, ngema ngithuthumela.
Kwase kuhwaqabala ubuso bayo, imicabango yayo yayiyesabisa, kwaxega amanyonga okhalo lwayo, namadolo ayo ashayana.
Kepha abafundi sebembonile ehamba phezu kolwandle bashaywa wuvalo, bethi ngumungcwi; bakhala ngokwesaba.
Izingelosi zonke aziyibo yini omoya bokukhonza abathunyelwe ukukhonza ngenxa yalabo abayakudla ifa lensindiso na?
Nangezingelosi, uthi: “Owenza izingelosi zakhe zibe yimimoya, izikhonzi zakhe zibe ngamalangabi omlilo.”