Uyajeziswa ngobuhlungu esecansini lakhe, nangokunkenketha okungapheliyo emathanjeni akhe.
UJobe 4:14 - IsiZulu 2020 ngafikelwa yingebhe nokuthuthumela okwaqhaqhazelisa wonke amathambo ami. IBHAYIBHELI ELINGCWELE ngafikelwa yingebhe nokuthuthumela okwaqhaqhazelisa onke amathambo ami. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngehlelwa yingebhe nokuthuthumela, okwathuthumela onke amathambo ami. |
Uyajeziswa ngobuhlungu esecansini lakhe, nangokunkenketha okungapheliyo emathanjeni akhe.
Phakathi kwemicabango yemibono yasebusuku, lapho abantu sebehlelwe ngubuthongo obunzima,
Ngase ngithi: “Maye kimi! Ngokuba ngiphelile, lokhu ngingumuntu ondebe zakhe zingcolile, futhi ngihleli phakathi kwabantu abazindebe zabo zingcolile. Ngokuba amehlo ami ayibonile iNkosi uSimakade Wamabandla.”
Wathi kimi: “Daniyeli, wena muntu othandekayo, qonda amazwi engiwakhuluma kuwe, ume nokuma, ngokuba ngithunywe kuwe;” lapho esekhulumile leli lizwi kimi, ngema ngithuthumela.
Ngezwa, qede kwathuthumela izibilini zami, izindebe zomlomo wami zaqhaqhazela ngomsindo; ukuvendlezela kwangena emathanjeni ami, ngathuthumela lapho ngimi khona, ngizothula ngilinde kuze kufike usuku lwenhlupheko kubantu abasihlaselayo.
Kepha yena wethuka lapho ezwa izwi layo, wazindla ngokuthi kungaba kubingelela kuni lokhu.
Lapho ngimbona ngawa phansi ngasezinyaweni zakhe, nganjengofileyo. Wayesebeka isandla sakhe sokunene phezu kwami, ethi: “Ungesabi; Mina ngingowokuqala nowokugcina,