UJobe 4:1 - IsiZulu 2020 U-Elifazi umThemani, waphendula, wathi: IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wayesethatha u-Elifazi, umThemani, wathi: Contemporary Zulu Bible 2024 Wayesephendula u-Elifazi umThemani, wathi: |
Kwathi ukuba abangani abathathu bakaJobe bezwe ngakho konke okubi okwakumehlele, bafika njengokuvumelana kwabo ukuzomkhalela nokumduduza, yilowo nalowo esuka endaweni yakhe: u-Elifazi umThemani, uBhilidadi umShuhi, noZofari umNahama.
“Uma umuntu ezama ukukhuluma nawe, uzokhathazeka yini na? Ngubani ongazibamba angasho lutho na?
U-Elifazi umThemani, uBhilidadi umShuhi, noZofari umNahama, bahamba benza njengokusho kukaSimakade kubo. USimakade wawemukela umkhuleko kaJobe.
Mayelana no-Edomi. Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “Akusekho yini ukuhlakanipha eThemani na? Sekuphelile yini ukweluleka kwabanokuqonda na? Ngabe ukuhlakanipha kwabo sekushabalele na?