Ungayibophela yini inyathi ukuba ilime, noma ihlelembe esigodini emva kwakho na?
UJobe 39:9 - IsiZulu 2020 “Inyathi ingavuma yini ukukusebenzela, ihlale ebusuku emkhombeni wakho na? IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Inyathi iyakuthanda ukukhonza, ihlale ebusuku emkhombeni wakho, na? Contemporary Zulu Bible 2024 Inyathi ivuma ukukukhonza, noma ukuhlala emkhombeni wakho, na? |
Ungayibophela yini inyathi ukuba ilime, noma ihlelembe esigodini emva kwakho na?
kodwa udumo lwami uluphakamise lwanjengophondo lwenyathi, ngagcotshwa ngamafutha amasha.
Inkabi iyamazi umniniyo, nembongolo umkhombe lapho umniniyo eyiphakela khona, kodwa u-Israyeli akazi, abantu bami kabaqondi.”
Izinyathi ziyokuwa kanye nabo, kuwe amavukana nezinkunzi ezinamandla. Izwe labo liyogcwala igazi, nothuli lwakhona lucifike amafutha.
Izibulo lenkunzi yakhe, udumo lwakhe, nezimpondo zenyathi ziyizimpondo zakhe; ngazo uyakuqhubukusha izizwe zonke ekugcineni komhlaba; zinjalo izigidi zakwa-Efrayimi, zinjalo izinkulungwane zakwaManase.’