UJobe 39:21 - IsiZulu 2020 Liphanda esigodini, liyathokoza ngamandla alo, liyaphuma libhekane ngqo nempi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Liyaphanda ezigodini, liyesasa ngamandla alo, liyaphuma ukuhlangana nezimpi. Contemporary Zulu Bible 2024 Uhamba esigodini, uthokoze ngamandla akhe; ahambe ayohlangabeza amadoda ahlomile. |
eliphuma kulo njengomyeni ephuma elawini, nanjengendoda enamandla, ligijima endleleni yalo.
Ngiqaphelisisile, ngezwa; abalikhulumi iqiniso; akekho ophendukayo ebubini bakhe, ethi: “Ngikwenzeleni lokhu na?” Bonke bazihambela ezindleleni zabo, njengamahhashi ephulukundlela empini.
Usho kanje uSimakade, uthi: “Ohlakaniphileyo makangazishayi isifuba ngokuhlakanipha kwakhe, neqhawe malingazibongi ngobuqhawe balo, nocebileyo makangazibongi ngengcebo yakhe.
Kwezwakala umsindo wezinselo zamahhashi zigabadula, zigabadula izinjomane ezinamandla.
UmFilisti wabuka, wambona uDavide, wameyisa, ngokuba wayengumfana nje, ebomvana, ebukeka.