Imikhumbi yenkosi eyayiseTharishishi yayisolwandle nemikhumbi kaHiramu, ngakho-ke kwakuthi kanye eminyakeni emithathu, ifike imikhumbi yaseTharishishi ilethe igolide, isiliva, izimpondo zendlovu, izimfene, nezimpigogo.
UJobe 39:13 - IsiZulu 2020 “Intshe iphaphazela kamnandi ngamaphiko, kodwa ngabe yizimpaphe namaphiko othando na? IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Amaphiko entshe ayaphaphaza, kepha angamakhombe nezimpaphe zothando na? Contemporary Zulu Bible 2024 Unike amaphigogo amaphiko amahle na? noma izimpiko nezimpaphe zentshe? |
Imikhumbi yenkosi eyayiseTharishishi yayisolwandle nemikhumbi kaHiramu, ngakho-ke kwakuthi kanye eminyakeni emithathu, ifike imikhumbi yaseTharishishi ilethe igolide, isiliva, izimpondo zendlovu, izimfene, nezimpigogo.
Inkosi uSolomoni yathumela imikhumbi yayo eTharishishi kanye nezinceku zikaHuramu. Kwakuthi kanye emuva kweminyaka emithathu, ifike imikhumbi yaseTharishishi ithwele igolide, isiliva, izimpondo zendlovu, izimfene, namapigogo.
Ungayethemba yini ukuthi ingayibuyisa imbewu yakho, iyibuthele esibuyeni sakho na?
Unogolantethe emkhathini uyazazi izikhathi zakhe ezimisiweyo; ihobhe, ihhashi, inkonjane, nonohhemu, kuyazigcina izikhathi zokufika kwakho; kodwa abantu bami kabazazi izimiso zikaSimakade.
Ngase ngiphakamisa amehlo ami, ngabona kuphuma abesifazane ababili, umoya usemaphikweni abo; babe namaphiko njengamaphiko kanogolantethe, baliphakamisa i-efa phakathi komhlaba nezulu.