nakuzo zonke izilwane eziphilayo ezinani: izinyoni zezulu, izilwane ezifuywayo, nazo zonke izilwane eziphilayo emhlabeni enaphuma nazo emkhunjini.
UJobe 38:1 - IsiZulu 2020 USimakade wayesemphendula uJobe esesivunguvungwini, wathi: IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJehova wayesemphendula uJobe esesikhwishikhwishini, ethi: Contemporary Zulu Bible 2024 UJehova wayesemphendula uJobe esesivunguzaneni, wathi: |
nakuzo zonke izilwane eziphilayo ezinani: izinyoni zezulu, izilwane ezifuywayo, nazo zonke izilwane eziphilayo emhlabeni enaphuma nazo emkhunjini.
Wathi: “Phuma, ume entabeni phambi kukaSimakade.” USimakade wedlula, umoya omkhulu onamandla wadabula izintaba, waphahlaza amadwala phambi kukaSimakade, kodwa uSimakade wayengekho emoyeni. Emva komoya kwazamazama umhlaba, kodwa wayengekho uSimakade ekuzamazameni komhlaba.
Kwathi lapho uSimakade esezomthatha u-Eliya amenyusele ezulwini ngesishingishane, u-Eliya no-Elisha basuka eGiligali.
Kwathi besalokhu behamba bexoxa, bheka, kwaqhamuka inqola yomlilo namahhashi omlilo, abehlukanisa, u-Eliya wenyukela ezulwini ngesivunguvungu.
Udweba isiyingelezi phezu kwamanzi, sibe ngumngcele phakathi kokukhanya nobumnyama.
Ngabheka, ngabona umoya oyisivunguvungu uvela enyakatho, ifu elikhulu, umlilo onkewuzayo nokubaneka nxazonke. Phakathi komlilo kwavela okucwazimulayo.
USimakade uyaphuza ukuthukuthela, mkhulu ngamandla, impela onecala akayukumyeka angamjezisi, indlela kaSimakade isesivunguvungwini nasesiphephweni, amafu awuthuli lwezinyawo zakhe.