UJobe 37:1 - IsiZulu 2020 “Ngenxa yalokho inhliziyo yami iyathuthumela, isuke endaweni yayo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Yebo, ngenxa yalokho iyathuthumela inhliziyo yami, isuke endaweni yayo. Contemporary Zulu Bible 2024 Nalokhu inhliziyo yami iyathuthumela, isuka endaweni yayo. |
UNkulunkulu uyesabeka kakhulu emkhandlwini wabangcwele, umelwe ukuhlonishwa kakhulu yibo bonke abamzungezileyo.
Ngosuku lwesithathu ekuseni, kwaba nokuduma, nombani, nefu elimnyama phezu kwentaba, nokukhala okukhulu kwecilongo, abantu bonke ababesenkanjini bathuthumela.
Aningesabi yini?” kusho uSimakade. “Anithuthumeli yini phambi kwami? Mina engibeke isihlabathi saba ngumkhawulo wolwandle, umngcele ophakade olungenakudlula kuwo na? Noma lungagubha amagagasi, alunakuwehlula, noma lungaduma, alunakuweqa.
Ngezwa, qede kwathuthumela izibilini zami, izindebe zomlomo wami zaqhaqhazela ngomsindo; ukuvendlezela kwangena emathanjeni ami, ngathuthumela lapho ngimi khona, ngizothula ngilinde kuze kufike usuku lwenhlupheko kubantu abasihlaselayo.
Ngokuphazima kweso kwaba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu, kwaze kwanyakaza nezisekelo zejele; masinyane yonke iminyango yavuleka, namaketango ababeboshwe ngawo, athukululeka.
Wayesethi akulethwe izibani, wagijima ethuthumela, wangena ngaphakathi, wafike wazilahla phambi kukaPawula noSila.
“NgoDani wathi: ‘UDani uyibhongo lengonyama, elitshakadulayo, liphuma eBhashani.’