UJobe 36:4 - IsiZulu 2020 Impela ayikho inkohliso emazwini ami; onolwazi olupheleleyo unawe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Impela amazwi ami awasiwo amanga; unawe ophelele ekwazini. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba ngempela, amazwi ami awasiwo amanga; ophelele ekwazini ukini. |
Bhekani, ngiyayazi imicabango yenu, namacebo enu enifuna ukungihlukumeza ngawo.
“Pho ningiduduzelani ngeze, lokhu ezimpendulweni zenu kusele inkohliso yodwa na?”
Amazwi ami aveza ubuqotho benhliziyo yami, lokho izindebe zami ezikwaziyo, zikukhuluma ngeqiniso.
Uyazi yini ukuthi amafu endlaleke kanjani, umsebenzi omangalisayo walowo Ophelele olwazini,
Umlomo wami uzokhuluma ukuhlakanipha, ukuzindla kwenhliziyo yami kuzokuba ngukuqonda.
nami ngizwa kufanale, njengalokhu ngizihlolisisile ngokucophelela zonke izinto, kusukela ekuqaleni, ukuba ngikulobele ngokuhlelekile, Theyofilu odumileyo,
Kepha uFelikisi ekwazi kahle okuqondene naleyo Ndlela, wakuguqisa ukuqulwa kwecala, ethi: “Kuyakuthi uma sekufike uLisiya, induna yenkulungwane, bese nginquma ngodaba lwenu.”
Bazalwane, ningabi ngabantwana ngengqondo, kepha yibani njengezingane ebubini, ekuqondeni nibe ngabakhulileyo.
Ngokuba asinjengabo abaningi abadunga izwi likaNkulunkulu ngenxa yenzuzo, kodwa sikwenza njengabaqotho, njengabavela kuNkulunkulu sikhuluma phambi kukaNkulunkulu sikuKhristu.
Uyakhonza kini u-Efratha ongomunye wenu, inceku kaKhristu uJesu, enilwela njalo emithandazweni, ukuze nime niphelele, niqinisekile entandweni yonke kaNkulunkulu.