U-Elihu, indodana kaBharakheli, umBhuzi, womndeni kaRamu, wathukuthela uJobe ngokuba wayezithethelela yena kunoNkulunkulu.
UJobe 36:3 - IsiZulu 2020 Ngizolulanda kude ulwazi lwami, ngikunike uMenzi wami ukulunga. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngiyakulanda kude ulwazi lwami, nginike uMenzi wami ukulunga. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngiyakususela kude ukwazi kwami, ngibeke ukulunga koMenzi wami. |
U-Elihu, indodana kaBharakheli, umBhuzi, womndeni kaRamu, wathukuthela uJobe ngokuba wayezithethelela yena kunoNkulunkulu.
“Ngibekezelele kancane, ngizokukhombisa, ngokuba ngisenamazwi okumela uNkulunkulu.
USomandla singemqonde, mkhulu ngamandla nangobulungiswa, ngokulunga kwakhe okukhulu akoni muntu.
‘Umuntu angalunga yini kunoNkulunkulu na? Umuntu uhlambulukile yini kunoMenzi wakhe na?
Ngabe uNkulunkulu uyabuhlanekezela ubulungiswa, uSomandla aphendukezele ukulunga na?
Ngokuba uSimakade ulungile, uyazithanda izenzo ezilungileyo; abaqotho bayakububona ubuso bakhe.
Wena, Simakade, ulungile, noma ngikumangalela. Nokho ngiyakukhuluma nawe ngokwehlulela: kungani indlela yezikhohlakali ichuma na? Kungani banethezeke abakhohlisi boqobo na?
USimakade uyilungiselele inhlekelele, wayeseyehlisela kithi, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wethu ulungile emisebenzini yakhe yonke ayenzayo, kodwa asililalelanga izwi lakhe.
“Kuwena Nkosi kukhona ukulunga, kepha thina sinamahloni njenganamuhla: kubantu bakwaJuda, nezakhamuzi zaseJerusalema, nakuye wonke u-Israyeli, abaseduze nabakude, kuwo onke amazwe obahlakazele kuwo ngenxa yezeqo zabo abeqe ngazo kuwe.
Indlovukazi yaseningizimu nayo iyakuma nalesi sizukulwane ekwahlulelweni, isilahle ngecala. Ngokuba yasuka emikhawulweni yomhlaba izolalela ukuhlakanipha kukaSolomoni. Lapha kukhona okukhulu kunoSolomoni.
“Uyidwala, umsebenzi wakhe uphelele, zonke izindlela zakhe zingukulunga; unguNkulunkulu wokwethembeka ongenakonakala; ulungile, uqotho Yena.
Izipho zonke ezinhle neziphiwo zonke ezipheleleyo zivela phezulu, zehla ziphuma kuYise wokukhanya, okungekho kuye ukuguquka nasithunzi sokuphenduka.
Kepha uma kukhona omunye phakathi kwenu oswele ukuhlakanipha, makacele kuNkulunkulu obapha bonke ngokungagodli futhi engabalisi; uyakuphiwa lokho.
Kepha ukuhlakanipha okuvela phezulu okokuqala nje, kuhlanzekile, bese kuba nokuthula, uzwela, ukulalela, futhi kugcwele ububele nezithelo ezinhle; akunalubandlululo nakuzenzisa.
Bahlabelela igama likaMose, inceku kaNkulunkulu negama leWundlu, bathi: “Mikhulu, iyamangalisa imisebenzi yakho, Nkosi Nkulunkulu, Somandla; zilungile, ziqinisile izindlela zakho, wena Nkosi yezizwe.