noma wazi kahle ukuthi anginacala, futhi akekho ongangihlenga esandleni sakho na?
UJobe 34:5 - IsiZulu 2020 Ngokuba uJobe uthe: ‘Ngilungile, kodwa uNkulunkulu ungephuce ilungelo lami. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba uJobe uthe: ‘Ngilungile; uNkulunkulu ususile ukwahlulelwa kwami. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba uJobe wathi: “Ngilungile, kepha uNkulunkulu uthathe ukulunga kwami.” |
noma wazi kahle ukuthi anginacala, futhi akekho ongangihlenga esandleni sakho na?
Ngokuba uthe: ‘Ukufundisa kwami kulungile; ngimsulwa emehlweni akho Nkulunkulu.’
Bhekani-ke, sengizilungiselele ukwethula udaba lwami, futhi ngiyazi ukuthi icala lizongithetha.
Noma ngikhalile ngathi: ‘Indluzula!’ kepha angiphendulwanga, ngicele ukusizwa, kodwa abukho ubulungiswa.
“Ngifunga ngiyagomela, uNkulunkulu ongephuce ubulungiswa bami, noSomandla owenze waba muncu umphefumulo wami;
Ngembatha ukulunga, kwaba njengesembatho kimi, ubulungiswa kimi baba njengengubo nomqhele.
Lawo madoda amathathu ayeseyeka ukuphendulana noJobe ngoba wayengolungileyo emehlweni akhe.
Ake niphenduke, kungabi bikho owenza ukungalungi. Phendukani, indaba yami ilungile.
Ngabe uNkulunkulu uyabuhlanekezela ubulungiswa, uSomandla aphendukezele ukulunga na?
Ukhulumelani wena Jakobe, usholoni wena Israyeli, ukuthi: “Indlela yami isithekile kuSimakade, nelungelo lami akalinaki uNkulunkulu wami na?”