khona uyakukhuleka kuNkulunkulu, Yena amamukele, eze kuye ngentokozo, uNkulunkulu ambuyiselele ukulunga kwakhe.
UJobe 34:11 - IsiZulu 2020 Ngokuba uyabuyisela kumuntu njengokwenza kwakhe, enze bazuze yilowo nalowo ngokwezindlela zakhe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba uyabuyisela kumuntu njengokwenza kwakhe, atholise kube yilowo nalowo njengezindlela zakhe. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngomsebenzi womuntu uyakubuyisela kuye, kube yilowo nalowo athole njengezindlela zakhe. |
khona uyakukhuleka kuNkulunkulu, Yena amamukele, eze kuye ngentokozo, uNkulunkulu ambuyiselele ukulunga kwakhe.
Umuntu uyasutha ngokuhle okuyisithelo somlomo wakhe, nemisebenzi yezandla zakhe imlethela inzuzo.
Uma uthi: “Bheka, besingakwazi lokhu;” akakuqondi yini lowo ohlola izinhliziyo na? Nolonda umphefumulo wakho akakwazi na? Futhi akayukuphindisela yini kumuntu ngokwemisebenzi yakhe na?
Uyoziphindiselela kubo njengokwezenzo zabo, ulaka ezitheni zakhe, nenkokhelo efanele kwabamelene naye, nabaseziqhingini bayothola inkokhelo efanele izenzo zazo.
“Mina Simakade ngiyayiphenya inhliziyo, ngihlole nezinso; ukuba nginike yilowo nalowo njengokwezindlela zakhe, nanjengezithelo zezenzo zakhe.”
Umkhulu ngamasu, izenzo zakho zinkulu, amehlo akho ayazibona zonke izindlela zabantu, ukuze ubanike yilowo nalowo ngokwezindlela zakhe nanjengokwezithelo zemisebenzi yakhe.
ibolekisa ukuze ithole inzalo, ithatha inzalo; ngabe iyakuphila yini na? Qha, ayiyukuphila, ngokuba yenze zonke lezo zinengiso; iyakubulawa nokubulawa, igazi layo libe phezu kwayo.
Ngokuba iNdodana yomuntu iyakuza ngenkazimulo kaYise nezingelosi zayo; khona-ke iyakuvuza yilowo nalowo ngesenzo sakhe.
Ngokuba thina sonke simelwe ukuba sibonakaliswe phambi kwesihlalo sikaKhristu sokwehlulela, ukuze yilowo nalowo amukeliswe njengalokho akwenzileyo esesemzimbeni; noma okuhle noma okubi.
Uma nimbiza ngokuthi uBaba Yena owehlulela lowo nalowo ngokwemisebenzi yakhe engakhethi, ngakho-ke hambani ngokwesaba ngesikhathi nisaphila.
“Qaphelani, ngiyeza ngokushesha, ngiphethe umvuzo wami ukuba nginike yilowo nalowo ngokomsebenzi wakhe.
USimakade uyakuphindisela, kube yilowo nalowo ngokulunga kwakhe nangokwethembeka kwakhe, lokhu uSimakade ekunikele esandleni sami namuhla, angivumanga ukwelula isandla sami ngibulale ogcotshiweyo kaSimakade.