Sekwenzekile konke lokhu uJobe akazange one, akamthelanga ngehlazo uNkulunkulu.
UJobe 33:12 - IsiZulu 2020 “Kulokhu awukhulumanga kahle. Ngizokuphendula, uNkulunkulu mkhulu kunomuntu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Bheka, ngiyakuphendula ukuthi awuthethanga kahle lokho, ngokuba uNkulunkulu mkhulu kunomuntu. Contemporary Zulu Bible 2024 Bheka, kulokhu awulungile; ngiyakuphendula ngithi uNkulunkulu mkhulu kunomuntu. |
Sekwenzekile konke lokhu uJobe akazange one, akamthelanga ngehlazo uNkulunkulu.
akwazise izimfihlakalo zokuhlakanipha kwakhe, ngokuba ukuhlakanipha kwakhe kubanzi, ukuze wazi ukuthi uNkulunkulu uzokwenza ukhohlwe yingxenye yecala lakho, ukuze kube kuhle kuwe.
“Ungayithola yini imfihlakalo kaNkulunkulu na? Ungawuthola yini umkhawulo kaSomandla na?
Bheka, lokho kuyisiphetho sezindlela zakhe, izwi elinyenyezayo esilizwayo ngaye, kodwa ukuduma kwamandla akhe ngubani ongakuqonda na?”
Ngokuba uNkulunkulu akadingi ukuba amphenyisise umuntu ukuze eze phambi kwakhe ekwehlulelweni.
“Ucabanga ukuthi lokhu kulungile yini na? Uthi: ‘Mina ngilungile phambi kukaNkulunkulu,’
“Bheka, uNkulunkulu unamandla, kodwa akukho muntu ambukela phansi, mkhulu emandleni okuqonda.
“Ofuna amaphutha angaphikisana yini noSomandla na? Lowo oqagulisana noNkulunkulu, makaphendule.”
Uhlakaniphile ngenhliziyo, unamandla amakhulu, ngubani owake wamelana naye, waphumelela na?
“Ngingenzi yini kini ndlu ka-Israyeli njengoba umbumbi enza na?” kusho uSimakade. “Bhekani, njengebumba esandleni sombumbi, ninjalo esandleni sami, nina ndlu ka-Israyeli.
“Kepha nithi: ‘Indlela yeNkosi ayilungile.’ Ake nizwe nina ndlu yakwa-Israyeli: indlela yami ayilungile yini na? Akusizo yini izindlela zenu ezingalungile na?