Ngokuba umshungu wabangenabunkulunkulu uyinyumba, nomlilo uqothula amathende athengwa ngokufunjathiswa.
UJobe 32:3 - IsiZulu 2020 Wabathukuthelela nabangani bakaJobe abathathu, ngoba babengavelanga nampendulo, nakuba uJobe babemlahla ngecala. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ulaka lwakhe lwavuthela nabangane bakhe abathathu, ngokuba noma bengafumananga impendulo, bamlahla nokho uJobe. Contemporary Zulu Bible 2024 Intukuthelo yakhe yavuthela abangane bakhe abathathu, ngokuba bengatholanga impendulo, kepha bamlahla uJobe. |
Ngokuba umshungu wabangenabunkulunkulu uyinyumba, nomlilo uqothula amathende athengwa ngokufunjathiswa.
“Uma kungenjalo ngubani ongakhombisa ukuthi ngingumqambimanga, awenze ize amazwi ami na?”
Lawo madoda amathathu ayeseyeka ukuphendulana noJobe ngoba wayengolungileyo emehlweni akhe.
U-Elihu, indodana kaBharakheli, umBhuzi, womndeni kaRamu, wathukuthela uJobe ngokuba wayezithethelela yena kunoNkulunkulu.
Emveni kokuba uSimakade esekhulume lawo mazwi kuJobe, uSimakade wathi ku-Elifazi, umThemani: “Ngithukuthelele wena nabangani bakho ababili, ngokuba anikhulumanga iqiniso ngami, njengenceku yami, uJobe.
uma uhlambulukile, uqotho, Yena uyokubheka, akubuyisele endaweni yakho efaneleyo.
“Le ndoda siyithole iluhlupho, iphehla udweshu kubaJuda kulo lonke izwe, ingumholi wehlelo lamaNazaretha,