UJobe 32:11 - IsiZulu 2020 Bhekani, ngiwalalele amazwi enu, ngabeka indlebe ekuqondeni kwenu, lapho niphumputha eniyakukusho. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bhekani, ngilindele amazwi enu, ngabeka indlebe emiqondweni yenu, nisaphenya eniyakukusho. Contemporary Zulu Bible 2024 Bheka, ngiwalindile amazwi akho; Ngilalele izizathu zenu, ngenkathi nifuna ukuthi nithini. |
Babengilindela njengemvula, bakhamise imilomo yabo njengonxanele imvula yasentwasahlobo.
Nginilalele ngesineke, bhekani, akukho noyedwa phakathi kwenu omthethisile uJobe, nowaphendulile amazwi akhe.
Obeka udaba lwakhe kuqala kuba sengathi nguyena olungileyo, kuze kufike omunye amphenyisise.
Ocebileyo uhlakaniphile emehlweni akhe, kodwa ompofu onokuqonda uyamhlolisisa, ambone.