Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UJobe 30:8 - IsiZulu 2020

bangabantwana beziwula, abantwana babantu abangenagama, bayashaywa, baxoshwe ezweni.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

bengabantwana beziwula, abantwana babangenamagama, beshaywa, bexoshwa ezweni.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Babengabantwana beziwula, yebo, abantwana babantu abayize; babephansi kunomhlaba.

Uka jalj uñjjattʼäta



UJobe 30:8
17 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wahamba ngendlela yamakhosi akwa-Israyeli, njengalokhu kwenza indlu ka-Ahabi, kwazise wayeganwe yindodakazi yakhe u-Ahabi. Wenza okubi emehlweni kaSimakade.


Wahamba ngendlela yendlu ka-Ahabi, wenza okubi emehlweni kaSimakade njengendlu ka-Ahabi; wayengumkhwenyana wendlu ka-Ahabi.


Naye wahamba ezindleleni zendlu ka-Ahabi elulekwa ngunina ukuba enze okubi.


Babhonga phakathi kwezihlahla, babuthane phansi kwembabazane,


“Manje sengiphenduke ingoma yabo yokubhinqa, impela sengiyisaga sabo.


“Bheka, angiyinto yalutho, ngingakuphendula ngithini na? Kungcono ngibeke isandla sami emlonyeni, ngithule.


obenyanyayo abanengekayo, kepha ebazisa abesaba uSimakade; owenza isifungo asigcine, noma isimo singamvumeli;


Kepha ekukhubekeni kwami, babuthana, bahlekisa ngami; ophumasilwe engingabazi bangithelekela, bangishaya bangayeka.


“Kuyoze kube nini ziwula ndini nithanda ubuwula, nani zedeleli, nithokoziswa ngukweyisa, nani ziwula nizonda ulwazi na?


Ukumesaba uSimakade kuyisiqalo sobuhlakani. Iziwula ziyakwedelela ukuhlakanipha nokuyalwa.


Ukuqonda kungumthombo wokuphila konakho, kepha ubuwula buyisijeziso seziwula.


Ngokuba isiwula sikhuluma ubuwula, nengqondo yaso iceba ububi, yenza ukungalungi, ikhulume okuphambeneyo noNkulunkulu, ingamsuthisi olambileyo nowomileyo imncishe okuphuzwayo.


Abantwana batheza izinkuni, oyise baphemba umlilo, abesifazane baxova inhlama yokwenzela inkosikazi yezulu amaqebelengwane, bathululele abanye onkulunkulu umnikelo wokuphuzwayo ukuba bachukuluze ulaka lwami.


Ngiyakuphosa phezu kwakho okunengekayo, ngikubukele phansi, ngikwenze ube yinhlekisa.


Bazakuyinikela kwabezizwe ukuba iklolodelwe, ishaywe, ibethelwe esiphambanweni, kodwa ngosuku lwesithathu izakuvuswa.”


Intombazane yaphuma, yathi kunina: “Ngizakucelani na?” Yena wathi: “Ikhanda likaJohane uMbhabhadisi.”