Wahamba ngendlela yamakhosi akwa-Israyeli, njengalokhu kwenza indlu ka-Ahabi, kwazise wayeganwe yindodakazi yakhe u-Ahabi. Wenza okubi emehlweni kaSimakade.
UJobe 30:8 - IsiZulu 2020 bangabantwana beziwula, abantwana babantu abangenagama, bayashaywa, baxoshwe ezweni. IBHAYIBHELI ELINGCWELE bengabantwana beziwula, abantwana babangenamagama, beshaywa, bexoshwa ezweni. Contemporary Zulu Bible 2024 Babengabantwana beziwula, yebo, abantwana babantu abayize; babephansi kunomhlaba. |
Wahamba ngendlela yamakhosi akwa-Israyeli, njengalokhu kwenza indlu ka-Ahabi, kwazise wayeganwe yindodakazi yakhe u-Ahabi. Wenza okubi emehlweni kaSimakade.
Wahamba ngendlela yendlu ka-Ahabi, wenza okubi emehlweni kaSimakade njengendlu ka-Ahabi; wayengumkhwenyana wendlu ka-Ahabi.
“Bheka, angiyinto yalutho, ngingakuphendula ngithini na? Kungcono ngibeke isandla sami emlonyeni, ngithule.
obenyanyayo abanengekayo, kepha ebazisa abesaba uSimakade; owenza isifungo asigcine, noma isimo singamvumeli;
Kepha ekukhubekeni kwami, babuthana, bahlekisa ngami; ophumasilwe engingabazi bangithelekela, bangishaya bangayeka.
“Kuyoze kube nini ziwula ndini nithanda ubuwula, nani zedeleli, nithokoziswa ngukweyisa, nani ziwula nizonda ulwazi na?
Ukumesaba uSimakade kuyisiqalo sobuhlakani. Iziwula ziyakwedelela ukuhlakanipha nokuyalwa.
Ngokuba isiwula sikhuluma ubuwula, nengqondo yaso iceba ububi, yenza ukungalungi, ikhulume okuphambeneyo noNkulunkulu, ingamsuthisi olambileyo nowomileyo imncishe okuphuzwayo.
Abantwana batheza izinkuni, oyise baphemba umlilo, abesifazane baxova inhlama yokwenzela inkosikazi yezulu amaqebelengwane, bathululele abanye onkulunkulu umnikelo wokuphuzwayo ukuba bachukuluze ulaka lwami.
Ngiyakuphosa phezu kwakho okunengekayo, ngikubukele phansi, ngikwenze ube yinhlekisa.
Bazakuyinikela kwabezizwe ukuba iklolodelwe, ishaywe, ibethelwe esiphambanweni, kodwa ngosuku lwesithathu izakuvuswa.”
Intombazane yaphuma, yathi kunina: “Ngizakucelani na?” Yena wathi: “Ikhanda likaJohane uMbhabhadisi.”