UJobe 30:11 - IsiZulu 2020 Ngokuba uNkulunkulu ungishiye ngingavikelekile, wangithobisa, sebenza noma yini abayifisayo kimi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bakhululile imichilo yabo, bangithobisa; balahlile itomu phambi kwami. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba wakhulula intambo yami, wangicindezela, badedela netomu phambi kwami. |
Ungafani nehhashi nomnyuzi okungenakuqonda, okukhalinywa ngetomu nomkhala ukuze kuhambe kuqonde, kungenjalo akuyukuwulalela umthetho wakho.
Uma umuntu ethi uyakholwa, kodwa engabophi ulimi lwakhe kube sengathi ngetomu, kodwa ezikhohlisa enhliziyweni yakhe, ukukholwa kwalowo kuyize.
Ngahamba nginakho konke, kodwa uSimakade ungibuyise ngize. Pho ningibizelani ngoNawomi, lokhu uSimakade ufakazile wamelana nami, uSomandla wangenzela okubi, na?”