ngokuba abuzivalanga izivalo zesizalo sikamame, abuyifihlanga inkathazo emehlweni ami.
UJobe 3:9 - IsiZulu 2020 Izinkanyezi zokuhwelela kobusuku maziphenduke ubumnyama, mabulindele ukukhanya kodwa kungabi bikho, mabungakuboni ukuntwela kokusa, IBHAYIBHELI ELINGCWELE Izinkanyezi zokuhwelela kwabo maziphenduke ubumnyama; mabulinde ukukhanya kungabikho, bungaboni izinkophe zokusa, Contemporary Zulu Bible 2024 Izinkanyezi zokuhwalala mazibe mnyama; malifune ukukhanya, kepha lingabi nakho; futhi mayingaboni ukusa kosuku. |
ngokuba abuzivalanga izivalo zesizalo sikamame, abuyifihlanga inkathazo emehlweni ami.
Lapho ngilindele okuhle, kwafika okubi, ngalindela ukukhanya, kwafika ubumnyama.
Mnikeni uSimakade uNkulunkulu wenu udumo, engakabulethi ubumnyama, zingakakhubeki izinyawo zenu ezintabeni zokuhwalala, niyokuthi nisabheke ukukhanya akuphendule ithunzi lokufa, akwenze kube yisigayegaye sobumnyama.
Besilindele ukuthula, kodwa akukho okuhle; nesikhathi sokuphiliswa, kepha bheka, luvalo lodwa.