ngokuba abuzivalanga izivalo zesizalo sikamame, abuyifihlanga inkathazo emehlweni ami.
UJobe 3:11 - IsiZulu 2020 “Kungani ngingafelanga esiswini na? Angibhubhanga ngani lapho ngiphuma esizalweni na? IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Angifanga ngani esizalweni na? Angibhubhanga ngani ekuphumeni kwami esiswini na? Contemporary Zulu Bible 2024 Kungani ngingafanga esizalweni sikanina? kungani ngingawulahlanga umoya ngiphuma esiswini? |
ngokuba abuzivalanga izivalo zesizalo sikamame, abuyifihlanga inkathazo emehlweni ami.
Mababe njengomnenke oncibilika uphele, njengokuphuphume kowesifazane, okungalibonanga ilanga.
Ngancika kuwe kwasekuzalweni kwami, nguwe owangikhipha esibelethweni sikamame. Ukudumisa kwami njalo kungawe.
kodwa ongcono kakhulu yilowo ongakazalwa, ongakayiboni imisebenzi emibi eyenzeka phansi komthunzi welanga.
Uma umuntu ezele abantwana abayikhulu, aphile iminyaka eminingi, zibe ziningi izinsuku zeminyaka yakhe, kodwa angathokozeli izinto ezinhle empilweni, futhi angangcwatshwa, ngithi okuphuphumileyo kungcono kunaye,
“Ngilalele, wena ndlu kaJakobe, yonke insali yabendlu ka-Israyeli engayimitha ngaze ngayizala, ngayithwala esibelethweni.
Maye, maye kimi lokhu ungizale ngaba ngumuntu wokuphikisana, nomuntu wokuxabanisa emhlabeni wonke! Angebolekanga lutho futhi angebolekwanga lutho; nokho bonke bayangiqalekisa.
ngokuba akangibulalanga ngisesiswini, umame abe yithuna lami, nesisu sakhe sahlala singikhulelwe njalo.
“Simakade, banike. Ngabe uyakubanikani na? Isisu esiphuphumileyo namabele angenalubisi.