UZila wazala uThubhali Khayini, owayengumkhandi wazo zonke izinhlobo zezinto ezenziwe ngethusi nangensimbi. Udadewabo kaThubhali Khayini kwakunguNahama.
UJobe 28:2 - IsiZulu 2020 Insimbi imbiwa emhlabathini, netshe lincibilikiswe libe yithusi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Insimbi iyakhishwa emhlabathini; amatshe ayancibilikiswa abe yithusi. Contemporary Zulu Bible 2024 Insimbi ikhishwa emhlabathini, nethusi lincibilika etsheni. |
UZila wazala uThubhali Khayini, owayengumkhandi wazo zonke izinhlobo zezinto ezenziwe ngethusi nangensimbi. Udadewabo kaThubhali Khayini kwakunguNahama.
“Uyabona, ekuhluphekeni kwami, ngiyilungiselele indlu kaSimakade: amathalenta egolide ayizi-100 000, amathalenta esiliva ayizi-100 000, ithusi nensimbi okungenakulinganiswa ngenxa yobuningi bakho; ngilungise nemithi namatshe, wena-ke usuyokwenezela kukho.
Abavukuzi bayabuqeda ubumnyama, bacingisise amatshe emajukujukwini nasesigayegayeni sobumnyama.
izwe lapho uyakudla khona isinkwa ungesweli lutho; awuyukudinga lutho; izwe elimatshe alo ayinsimbi, ezintabeni zalo uyakumba ithusi.