Kepha amehlo ezikhohlakali ayakufiphala; ayiyukuba bikho nendawo yokuphephela; ithemba lazo liyakuba ngukuphuma komphefumulo.”
UJobe 27:8 - IsiZulu 2020 Liyini ithemba longenankulunkulu nxa enqunywa, lapho uNkulunkulu ethatha umphefumulo wakhe na? IBHAYIBHELI ELINGCWELE Liyini ithemba longenaNkulunkulu, nxa enqunywa, lapho uNkulunkulu esusa umphefumulo wakhe, na? Contemporary Zulu Bible 2024 Ngoba liyini ithemba lomzenzisi, lanxa ezuza, uba uNkulunkulu esusa umphefumulo wakhe? |
Kepha amehlo ezikhohlakali ayakufiphala; ayiyukuba bikho nendawo yokuphephela; ithemba lazo liyakuba ngukuphuma komphefumulo.”
Esandleni sakhe kukhona imiphefumulo yakho konke okuphilayo, kanjalo nomoya wabo bonke abaphilayo.
Lokhu kuyakuba yinsindiso yami, ukuthi ongenaNkulunkulu akayukuza phambi kwakhe.
Ngokuba umshungu wabangenabunkulunkulu uyinyumba, nomlilo uqothula amathende athengwa ngokufunjathiswa.
ukuthi ukujabula kwezikhohlakali kufushane, nokuthokoza kwabangenankulunkulu kungokomzuzwana nje na?
“Zinjalo-ke izindlela zabo bonke abakhohlwa nguNkulunkulu, ithemba longenabunkulunkulu liyakushabalala.
Ngokuba kuyakumsiza ngani umuntu, uma ezuza izwe lonke, kepha alahlekelwe ngukuphila kwakhe na? Yini angayikhipha umuntu, ibe yisihlengo sokuphila kwakhe na?
“Maye, kini zazimthetho nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba nivalela abantu umbuso wezulu! Nani aningeni, kodwa abangenayo anibavumeli ukuba bangene.
Ngokuba kuyakumsiza ngani umuntu ukuzuza izwe lonke, kepha yena alahlekelwe noma alimaze ukuphila kwakhe na?
Siyazi ukuthi uNkulunkulu akazilaleli izoni, kodwa uma umuntu emesaba uNkulunkulu, enza intando yakhe, uyamlalela lowo.
Nabuya, nakhala phambi kukaSimakade, kodwa uSimakade akalilalelanga izwi lokukhala kwenu.
Ngalolo lusuku niyakukhala ngenxa yenkosi yenu enizikhethele yona, kodwa uSimakade akayukuniphendula ngalolo lusuku.”