UJobe 27:18 - IsiZulu 2020 Indlu yakhe uyakhe njengenundu, njengedlangala elakhiwe ngumlindi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Uyakha indlu yakhe njengenundu, ibe njengedlangala elakhiwa ngumlindi. Contemporary Zulu Bible 2024 Uyakha indlu yakhe njengenundu nanjengedokodo elenziwa umlindi. |
Indodakazi yaseZiyoni isele njengedlangala esivinini, njengexhokovana ensimini kakhukhamba, nanjengomuzi ovinjezelweyo.
Idokodo lami lisishuliwe, lasuswa kimi njengethende lomelusi; Njengomaluki, ukuphila kwami ngakusonga, uyanginquma esalukweni, kusukela emini kuze kube sebusuku uyayiphelisa impilo yami.
Ngokuba inundu iyakubadla njengengubo, nebhu libadle njengoboya bezimvu, kodwa ukulunga kwami kuyakuma kuze kube phakade, nensindiso yami ezizukulwaneni ngezizukulwane.”
Yachithachitha indlu yayo, njengedlangala ensimini, yabhubhisa indawo yayo yokuhlanganela. USimakade wenza imikhosi emisiweyo namaSabatha, akwabe kusakhunjulwa eZiyoni; ngokufutheka kolaka lwakhe, waziqhelelanisa nenkosi nabaphristi.