“Ungayithola yini imfihlakalo kaNkulunkulu na? Ungawuthola yini umkhawulo kaSomandla na?
UJobe 27:11 - IsiZulu 2020 “Ngizakunifundisa ngesandla sikaNkulunkulu; okukuSomandla angiyukukufihla. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Ngiyakunifundisa ngesandla sikaNkulunkulu; okukuSomandla angiyikukufihla. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngiyakunifundisa ngesandla sikaNkulunkulu; angiyikufihla okukuSomandla. |
“Ungayithola yini imfihlakalo kaNkulunkulu na? Ungawuthola yini umkhawulo kaSomandla na?
Lokho bekuyoba yinduduzo kimi, bengiyojabuliswa yizinhlungu ezingapheliyo, ngokuba angiwagodlanga amazwi oNgcwele.
Nkulunkulu, wangifundisa kwasebusheni bami, namanje ngisamemezela ngemisebenzi yakho emangalisayo.
UNkulunkulu ukhulumile kanjalo nami ngesandla esinamandla, wangiyala ukuba ngingahambi ngendlela yalaba bantu, wathi:
Angizange futhi ngikugweme ukunitshela lokho okuwusizo nokunifundisa phambi kwabantu nakuzo izindlu ngezindlu.
“Bhekani, nginifundisile izimiso nezehlulelo, njengokuba uSimakade uNkulunkulu wami engiyalile ukuba nenze kanjalo phakathi kwezwe enizongena kulo ukuba nilidle.